Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:32 - IsiZulu 2020

32 Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngalokhu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngiyakulenza izwe libe yincithakalo; izitha zenu ezihlala kulo ziyakumangala ngakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngiyokwenza izwe libe yincithakalo, futhi izitha zenu ezihlala kulo ziyomangala.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:32
28 Referans Kwoze  

“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Izwe lonke leli liyakuba yincithakalo, lezi zizwe ziyakuyikhonza inkosi yaseBhabhele iminyaka engama-70.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


benze izwe labo laba yincithakalo nento enximfelwa njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Kuyakuba yihlazo, isaga, isexwayiso, nokwesabekayo ezizweni zonke ezikuzungezileyo, lapho ngikwehlulela ngentukuthelo, ngolaka nangokukuthethisa. Mina Simakade ngikhulumile.


iJerusalema, imizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikubhubhise kube yincithakalo, into enximfelwayo neqalekisiweyo, njengoba kunjalo namuhla.


Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


Uyakuba yinto esabisayo, nesiga, nombhinqo phakathi kwezizwe zonke lapho uSimakade eyokunixoshela khona.


“Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo.


Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,


Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho, uzwe; vula amehlo akho, ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho, ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.


ngonyaka wokuqala wokubusa kwakhe, mina Daniyeli ngabona emqulwini inani leminyaka izwi likaSimakade elafika ngayo kuJeremiya umphrofethi ukuba kupheleliswe ukubhujiswa kweJerusalema, okuyiminyaka engama-70.


Phezu kwentaba iZiyoni esiyincithakalo, sekuzulazula amanketshane.


Amakhosi omhlaba, nazo zonke izakhamuzi zawo, azikholwanga ngukuthi izitha nabamelene neJerusalema babengangena emasangweni alo.


USimakade kakwazanga ukuyibekezelela, ngenxa yezenzo zenu ezimbi nangenxa yezinengiso enizenzileyo, ngakho-ke izwe lakini liphenduke laba yincithakalo, imfucuza yoqobo, nesiqalekiso, okungekho muntu ohlala kulo kuze kube namuhla.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyibonile yonke inhlekelele engiyehlisele iJerusalema nemizi yonke yakwaJuda. Bhekani, namuhla iyincithakalo, akusekho muntu ohlala kuyo,


Uwushiyile umphandu wakhe, njengebhongo lengonyama; ngokuba izwe labo seliyincithakalo, ngenxa yolaka lomcindezeli nangenxa yentukuthelo yakhe evuthayo.


Imizi yakho engcwele isifana nehlane, iZiyoni seliphenduke ihlane, neJerusalema liyincithakalo.


Manje uSimakade usezowenza incithakalo umhlaba, ube yize, agumbuqele ubuso bawo, ahlakaze abakhileyo kuwo.


Ngase ngithi: “Nkosi, kuyoze kube nini na?” Yathi: “Kuze kuchithwe imizi, kungabe kusaba khona ohlala kuyo, izindlu zingabe zisaba namuntu, nomhlaba ube yincithakalo neze,


USimakade Wamabandla wathi ezindlebeni zami: “Impela iningi lezindlu liyokuba yincithakalo, izindlu ezinkulu nezinhle kungabi namuntu ohlala kuzo.


Ngizosenza sibe yincithakalo; asiyukuthenwa, asiyukulinywa, kodwa kuyakumila amakhakhasi nameva; ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Basenze incithakalo, siyincithakalo, siyalila phambi kwami. Izwe lonke liyincithakalo, kepha akekho onendaba ngalokho.


“Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Kuyakuzwakala futhi kule ndawo enithi ngayo iyincithakalo, akuhlali muntu nasilwane kuyo, emizini yakwaJuda, nasemigwaqweni eJerusalema ebhujisiweyo engenazakhamuzi, nabantu, nazilwane,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite