Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:26 - IsiZulu 2020

26 Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Nxa ngaphula uzime lwesinkwa, abesifazane abayishumi bayakupheka isinkwa sakho eziko linye, babuyise isinkwa senu ngesisindo; niyakudla ningasuthi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Uma ngiluphulile udondolo lwesinkwa senu, abesifazane abayishumi bayakubhaka isinkwa senu kuhhavini munye, babuyisele isinkwa senu ngesisindo; uyakudla ungasuthi.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:26
17 Referans Kwoze  

Uyakudla, kodwa ungasuthi, uyakubhekana nendlala, uthathe kodwa ungakulethi endaweni ephephileyo, noma yini oyiletha endaweni evikelekile, ngiyakuyinikela enkembeni.


Bheka, iNkosi uSimakade Wamabandla iyakususa eJerusalema nakwaJuda konke abaphila ngakho, konke ukudla namanzi:


Lapho ngibaciba ngemicibisholo yendlala elimazayo nebhubhisayo, eyakuba ngeyokubhubhisa, ngiyakuyiciba ukuba nginibhubhise; ngiyokwenza kudlange indlala kini, ngiqede nozime lwenu lwezinkwa.


Lapho ethumela indlala ezweni, kwavaleka umthombo wokudla.


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


“Ndodana yomuntu, uma izwe lona kimi ngokwenza ukungethembeki, ngiyakwelula isandla sami ngimelane nalo, ngiqede umthombo walo wokudla, ngithumele indlala kulo, ngibulale abantu nezilwane okukulo.


Wabuye wathi, kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusulema. Bayakudla isinkwa esikaliwe, bekhathazekile, baphuze amanzi akaliweyo, bethuthumela.


Badla okungakwesokunene, basala belambile, badla okungakwesokhohlo, kabaze beneliswa; yilowo nalowo wadla inyama yengalo yakhe,


“Bayakudla, kodwa bangasuthi, bayakufeba, kodwa bangandi, ngokuba bamshiyile uSimakade,


Ukudla oyakukudla ngosuku kuyakuba yisilinganiso esingamashekeli angama-20, uyakukudla ngezikhathi ezimisiweyo.


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


“ ‘Uma nangalokhu ningangilaleli, kodwa nihamba nimelene nami,


Kwaba khona indlala enkulu eSamariya. Balivimbezela, ikhanda lembongolo laze lathengiswa ngezinhlamvu zesiliva ezingama-80, nokwesine kwesigaxa somswani wejuba ngezinhlamvu zesiliva eziyisihlanu.


Ngokuba ama-eka alishumi esivini ayakuthela ibhathi libe linye, ihomere lembewu lithele i-efa nje.”


Ngokweswela kwabo isinkwa namanzi, bayobhekana bemangele, bashabalale ekoneni kwabo.”


Ngentukuthelo kaSimakade Wamabandla, izwe lashiswa; abantu bafana nenswani, badliwe ngumlilo, akwababikho ophephisa umakhelwane wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite