Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:25 - IsiZulu 2020

25 Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba eyakuphindisela ukulwa kwesivumelwano sami; lapho senibuthene emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu; uyakunikelwa esandleni sesitha.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:25
42 Referans Kwoze  

Ngiyobashaya ngobhubhane, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”


Ngiyakuthumela kini indlala nezilwane ezimbi, kunishiye ningenabantwana, kubhoke ubhubhane nokuchitheka kwegazi phakathi kwenu; ngiyokwehlisela inkemba phezu kwakho. Mina Simakade ngikhulumile.’ ”


“Ndodana yomuntu, khuluma kubantu bakini, uthi kubo: ‘Ngiyakwehlisela inkemba phezu kwezwe, bese abantu bakhona bekhetha omunye umuntu phakathi kwabo, bambeke abe ngumlindi wabo,


“ ‘Ngalokho-ke, isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: uyabona-ke, sengizokwehlisela phezu kwakho inkemba, ngibulale abantu bakini nemfuyo yakho.


“ ‘ “Ngiyakunidlulisa phansi kwentonga, nginingenise phansi kwesibopho sesivumelwano,


“Nakuba ngehlisela inkemba ezweni, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ngibulale kulo abantu nezilwane,


‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, yizwani izwi leNkosi uSimakade. Isho kanje iNkosi uSimakade ezintabeni nasemagqumeni, emfudlaneni nasezigodini, ithi: bhekani, ngiyakwehlisela phezu kwenu inkemba, ngibhubhise izindawo zenu eziphakemeyo.


Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”


Emigwaqweni inkemba iyodla lubi, emakamelweni kubhoke uvalo: ezinsizweni nasezintombini, koncelayo nasempungeni.


USimakade uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akubhubhise ezweni ongena kulo ukulidla.


Kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kubhoke indlala ezindaweni eziningi, kube khona ubhubhane, izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.


“Nganithumelela ubhubhane ngendlela efanayo neyaseGibhithe, ngazibulala ngenkemba izinsizwa zenu, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba iphunga lokunuka kwenkambu yenu likhuphukele emakhaleni enu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


“Abancane nabadala badindilize emigwaqweni; izintombi nezinsizwa zami ziwe ngenkemba. Uzibulale ngosuku lwentukuthelo yakho; wazibulala ngokungenaluzwelo.


Ngiyakubahlakaza phakathi kwezizwe abangazazi, bona nokhokho babo, ngibalandelise ngenkemba, ngize ngibaqede nya.”


Nkulunkulu ophindiselelayo, Simakade, Nkulunkulu ophindiselelayo, vela ukhanye.


USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.


Uma ngilola inkemba yami ebengezelayo, isandla sami sibambelele ekwehluleleni, ngiyophenduka ngiphindisele kwabamelene nami, ngiphindisele kwabangizondayo.’ ”


Impindiselo ingeyami, nokunxephezela kungokwami, lapho unyawo lwabo lushelelela okwesikhashana, ngokuba usuku lwabo lwenhlekelele selusondele, izinto abalungiselelwe zona uyozenza zifike ngokushesha kubo.


Ababebulewe ubhubhane babeyizi-14 700, ngaphandle kwalabo abafa ngenxa kaKhora.


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


UMose wayesekhuluma nabantu, wathi: “Hlomisani amadoda phakathi kwenu ukuze ayohlasela abakwaMidiyani, aphindiselele uSimakade kwabakwaMidiyani.


Kwase kwehla amadoda akwaJuda ayizi-3 000 aya emfantwini wedwala e-Ethamu, athi kuSamsoni: “Awazi yini ukuthi amaFilisti angababusi bethu, na? Pho yini lena oyenzile kithi, na?” Waphendula wathi: “Ngenze kubo njengalokhu benzile kimi.”


“Lapho abantu bakho u-Israyeli benqotshwa yisitha, ngenxa yokuba bonile kuwe, kepha bese bebuya bephindela kuwe, balivume igama lakho, bakhuleke, becela umusa kuwe bekule ndlu,


“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,


Ngumsindo wababalekayo nabaphunyuka eBhabhele, bamemezela eZiyoni impindiselo kaSimakade uNkulunkulu wethu, impindiselo ngethempeli lakhe!


“Lolani imicibisholo, nithathe izihlangu. USimakade uvivise amakhosi aseMediya, ngokuba inhloso yakhe ngeBhabhele ngukuba alibhubhise; lokhu kuyimpindiselo kaSimakade, impindiselo ngethempeli lakhe.


Base bethi: “UNkulunkulu wamaHebheru ubonakele kithi; sidedele sihambe uhambo lwezinsuku ezintathu, siye ehlane, siyokwenzela uSimakade uNkulunkulu wethu umhlatshelo, funa asehlisele ngobhubhane, noma asiqothe ngenkemba.”


UShalimenazeri, inkosi yase-Asiriya, wenyuka ukuba amhlasele. UHosheya waba yisikhonzi sakhe, wathumela kuye intela.


Nakuba impi yase-Aramu yayize neviyo elincane, uSimakade wanikela esandleni sayo impi enkulu kakhulu, ngokuba uJuda neJerusalema babemshiyile uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo. UJowashi bamehlulela.


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


ngiyakunigweba ngenkemba, nonke niyokhothamela ukuhlatshwa, ngokuba ngesikhathi nginibiza, aniphendulanga; nalapho ngikhuluma, aningizwanga; kodwa nenze okubi emehlweni ami, nakhetha lokho engingathokozi ngakho.”


“ ‘Ngiyakuliphunzisa icebo likaJuda neJerusalema kule ndawo, ngibaqumbe phansi ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo. Izidumbu zabo ziyokuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle.


Inkemba iyophenduphenduka idle lubi emizini yabo, ishabalalise imigoqo yabo, ibashwabadele ngenxa yamaqhinga abo.


Phambi kwakhe kuhamba ubhubhane, kulandele isifo ezinyaweni zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite