Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:20 - IsiZulu 2020

20 Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Amandla enu ayakuphelela ngeze, ngokuba izwe lenu aliyikuthela izithelo zalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:20
21 Referans Kwoze  

Kodwa ngase ngithi: “Ngikhandlekele ize, amandla ami ngiwachithele okuyize nokungelutho; nokho ubulungiswa obungifanele bukuSimakade, nomvuzo wami ukuNkulunkulu wami.”


Uma uSimakade engayakhi indlu, basebenzela ize abayakhayo; uma uSimakade engawuvikeli umuzi, umlindi wawo uwuqaphelele ize.


bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.


Uyabona-ke, akuveli yini kuSimakade Wamabadla, ukuthi abantu bakhandleke ukuze banelise umlilo, nezizwe zizikhathaze ngokuyize na?


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


Nginovalo ngani, funa ngikhandlekele ize ngenxa yenu.


Mina ngafike ngatshala, u-Apholo wanisela, kodwa uNkulunkulu wakhulisa.


ngaleso sikhathi lapho umuntu eya endundumeni yezilinganiso ezingama-20, kodwa kube lishumi nje, nalapho eya emiphongolweni yewayini lezilinganiso ezingama-50, kodwa athole elezingama-20 kuphela.


noma ungazenza zikhule ngosuku ezitshalwe ngalo, wenze okuhlwanyelweyo kuqhakaze ngakusasa, nokho akuyukuba khona sivuno ngalolo lusuku lokulila nobuhlungu obungelapheki.


nezwe elivundileyo laba wugwadule lukasawoti ngenxa yobubi yababehleli kulo.


makumile ameva esikhundleni sikakolo, nokhula endaweni yebhali.” Aphela lapha amazwi kaJobe.


Yonke imithi yakho nezithelo zomhlabathi wakho kuyodliwa yisikhonyane.


“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Ngokuba umkhohliwe uNkulunkulu wensindiso yakho, awulikhumbulanga iDwala ophephela kulo, ngalokho-ke noma utshala izithombo zekhethelo, uhlwanyele amahlumela angaziwayo,


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


Uma ulima, umhlabathi awuyikukunika sivuno; uzoba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Wayesehamba u-Eliya wayozibonakalisa ku-Ahabi. Indlala yayibhokile eSamariya.


Ngiyakuyiqeda nya yonke imigubho yakhe yentokozo, eyokwethwasa kwenyanga, amasabatha akhe, nawo wonke amadili akhe anqunyiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite