Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:15 - IsiZulu 2020

15 uma nilahla izimiso zami, nomphefumulo wenu unengwa yizehlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kodwa naphula isivumelwano sami,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 uma nilahla izimiso zami, uma umphefumulo wenu unengwa yizahlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kepha naphule isivumelwano sami,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uma nidelela izimiso zami, noma umphefumulo wenu unengwa izahlulelo zami, nize ningenzi yonke imiyalo yami, naphula isivumelwano sami;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:15
27 Referans Kwoze  

Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


USimakade wathi kuMose: “Bheka, usuzoyolala noyihlomkhulu; laba bantu bayakusuka, bayophinga nonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bayakungishiya, basaphule isivumelwano engisenze nabo.


“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngizokwenza uvune okutshalileyo, udelele isifungo ngokwephula isivumelwano.


Babuyele eziphambukweni zokhokho babo bokuqala, abala ukulalela amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze. Indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zasephula isivumelwano sami engasenza nokhokho babo.


Umhlaba ungcolisiwe ngabakhileyo kuwo, ngokuba bayeqile imithetho, baphambuka ezimisweni, basephula isivumelwano saphakade.


ngokuba wedelele izwi likaSimakade, wephula umyalo wakhe, lowo muntu uyonqunywa ngokuphelele, icala lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo mhla ngibabamba ngesandla ngibakhipha eGibhithe; ngokuba abasigcinanga isivumelwano sami, nami angibanakanga,” kusho iNkosi.


Ngakho-ke okwalayo lokhu akali umuntu, kodwa wala uNkulunkulu, okunguYena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


Ngokuba ukucabanga komuntu esenyameni kungubutha kuNkulunkulu, lokhu akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, futhi akusoze kwawuthobela,


“ ‘Bonani nina zideleli nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu, umsebenzi eningayukuwukholwa ngisho noma kungakhona onilandisa ngawo.’ ”


esingafani nesivumelwano engasenza nokhokho babo; mhla ngibabamba ngesandla, ngibakhipha eGibhithe; isivumelwano sami abasephula noma ngangiyinkosi yabo,” kusho uSimakade.


Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


uthi: “Yeka ukuzonda kwami ukuyalwa, nokwedelela kwenhliziyo yami ukusolwa!


Abasilalelanga iseluleko sami, bakudelela ukusola kwami.


Ukumesaba uSimakade kuyisiqalo sobuhlakani. Iziwula ziyakwedelela ukuhlakanipha nokuyalwa.


ingani uyakuzonda ukuyalwa, amazwi ami uwabukela phansi na?


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Bayakulishiya izwe, lithokoze ngamasabatha alo lisahlezi liyincithakalo, kungekho muntu kulo. Bona besamukeliswa isijeziso sobubi babo, ngokuba balahla izehlulelo zami, umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.


Wayesethatha incwadi yesivumelwano, wayifunda belalele abantu, bonke bathi: “Konke uSimakade akukhulumile, sizokwenza, sizokukuhlonipha.”


Ngakho-ke uma nililalela ngokucophelela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyokuba yisabelo sami esiligugu phakathi kwazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.


Bonke abesilisa abangasokile bayonqunywa, bangahlanganyeli nabantu bakubo, ngokuba basephulile isivumelwano sami.”


“ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani.


Ngiyakubeka ithabanakeli lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyukuninenga.


Kepha uma ningalaleli izwi likaSimakade, nihlubuka esiyalezweni sikaSimakade, isandla sikaSimakade siyakumelana nani, njengalokhu samelana nokhokho benu.


Uma ningaleli, uma ningazimiseli enhliziyweni ukuhlonipha iGama lami, ngiyakunithumelela isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, impela sengiziqalekisile, ngokuba anizimisele enhliziyweni, kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite