Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:13 - IsiZulu 2020

13 NginguSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngephulile izikeyi zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe nikhululekile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe ukuba ningabi yizigqila zabo; ngaphulile izikeyi* zejoka lenu, ngenza ukuba nihambe niluleme.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 NginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibhithe ukuze ningabi yizigqila zabo; ngagqabula izibopho zejoka lenu ngakwenza ukuma uqonde.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:13
18 Referans Kwoze  

Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo.


Impela ngiyinceku yakho Simakade, ngiyinceku yakho, indodana yencekukazi yakho, uzikhumulile izintambo zami.


NginguSimakade uNkulunkulu wenu, owanikhipha eGibhithe ukuninika iKhanani, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


“Ngokuba kwasemandulo walephula ijoka lakho, wagqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyukukhonza.’ Ngokuba kuwo wonke amagquma aphakemeyo, naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza, walala njengesifebe.


Abantu bakwa-Israyeli bayizinceku, izinceku zami engazikhipha eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Ngiyoyibeka esandleni sabakuhluphayo, abathi kuwe: ‘Khothama, sihambe phezu kwakho;’ abenze umhlane wakho waba njengomhlabathi, nanjengomgwaqo kulabo abedlulayo.”


Bayizinceku zami engazikhipha eGibhithe, akuyukuthengiswa ngabo babe yizigqila.


Ngizonithatha nibe ngabantu bami, futhi ngibe nguNkulunkulu wenu. Niyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguNkulunkulu wenu, onikhululile emithwalweni yabaseGibhithe.


Usuku luyakuba mnyama eThehafenehesi, lapho nginqamula khona amajoka aseGibhithe; nokuzikhukhumeza ngamandla alo kuyakuphela kulo. Liyakusitshekelwa yifu, kuthunjwe nabahlala emizaneni yalo.


Ngabadonsa ngezintabo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngakhothamela kuye, ngamnika ukudla.


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


Uyokwandisa isizwe, usenze siphuphume injabulo; siyothokoza phambi kwakho njengokujabula ngesikhathi sokuvuna, njengoba abantu bejabula lapho babelana impango.


“Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngizakulaphula ijoka lenkosi yaseBhabhele.


Ngiyakubuyisela futhi kule ndawo uJekhoniya, indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBhabhele, ngokuba ngizolephula ijoka lenkosi yaseBhabhele,’ ” kusho uSimakade.


Manje-ke sengizoliphula ijoka elikuwe, ngigqashule izibopho zakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite