Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:1 - IsiZulu 2020

1 “ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Aniyikuzenzela izithombe nezithombe ezibaziweyo, ningazimiseli izithombe ezibaziweyo, ningagxumeki izithombe zamatshe ezweni lakini ukuba nizikhothamele; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:1
30 Referans Kwoze  

“ ‘Aniyukuphendukela konkulunkulu abayize, aniyukuzenzela izithombe ezakhiwe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuSimakade, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nibhubhise yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo.


Ungabakhothameli onkulunkulu bawo, ungahuheki ukuba ubakhonze, ungazenzi izinto azenzayo. Kodwa uyobabhidliza onkulunkulu bawo, ucekele phansi izinsika zabo zamatshe.


Aniyukuzenzela abanye onkulunkulu ngaphandle kwami, onkulunkulu besiliva noma begolide aniyukuzenzela bona.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


“Ngakho-ke njengalokhu singabozalo lukaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, izinto eziqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.


“Awuyukuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.


Ngalolo lusuku abantu bayozilahla ezimvukuzaneni nasemalulwaneni, izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bazikhonze.


Bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo mabajabhe, labo abazigabisa ngezithombe. Bonke onkulunkulu bakhothame phambi kwakhe.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Abantu bakwa-Israyeli bayizinceku, izinceku zami engazikhipha eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Emadodaneni ka-Aroni, leyo eyonikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni, iyonikezwa umlenze wesokunene.


AbakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo. UJonathani, indodana kaGerishomi, indodana kaManase namadodana akhe, babengabaphristi besizwana sakwaDani, kwaze kwaba lusuku izwe elathunjwa ngalo.


Base behamba ngezimiso zabezizwe uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli, nangezimiso zamakhosi akwa-Israyeli azimisayo.


Bazigxumekela izinsika zo-Ashera emagqumeni wonke aphakemeyo, naphansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza.


Bayishiya yonke imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza nezigxobo zika-Ashera, bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite