Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:8 - IsiZulu 2020

8 Amasabatha ngamasabatha, uyakuzihlela njalo phambi kukaSimakade, njengokuzinikela kwabantu bakwa-Israyeli, nanjengesivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Isabatha ngalinye uyakukuhlela phambi kukaJehova njalo, kususwe kubantwana bakwa-Israyeli ngesivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:8
9 Referans Kwoze  

Ngizokwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho enuka kahle, njalo kubekwe izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, ngokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaSimakade uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


“Phezu kwetafula lezinkwa zobukhona, bayakwendlala indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, babeke kuyo izingqwembe, izinkezo, izinkamba, nezindebe zomnikelo wokuphuzwayo; kuhlale kunesinkwa phezu kwalo.


Abanye abafowabo bamadodana amaKhohathi babengamele izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise ngawo wonke amasabatha.


eyosetshenziselwa ukubhaka isinkwa esibekwa ethempelini, neminikelo yansuku zonke yokusanhlamvu neyokushiswa, neminikelo yangeSabatha, nemikhosi yokwethwasa kwenyanga, neminye imikhosi emisiweyo, neminikelo yesono eyenzelwa inhlawulo yezono zika-Israyeli, nawo wonke umsebenzi wasendlini kaNkulunkulu wethu.


ukusiza futhi nangezinkwa zokubukwa, impuphu ecolisekileyo yomnikelo wempuphu, amaqebelengwane angenamvubelo, okuphekwe ngamabhodwe, okuxutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;


Uyobeka njalo phambi kwami phezu kwetafula isinkwa soBukhona bami.”


Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.


Njalo ekuseni nakusihlwa bashisela uSimakade iminikelo yokushiswa nempepho enephunga elimnandi, bahlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhele uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo njalo kusihlwa, ngokuba thina sisawugcina umyalo kaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa nina nimshiyile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite