Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:7 - IsiZulu 2020

7 Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo kuyo yomibili imigqa, ibe yisikhumbuzo somnikelo wesinkwa, umnikelo womlilo kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kumelwe ubeke impepho ehlanzekile ohlwini ngalunye, ibe phezu kwesinkwa, ibe yisikhumbuzo, umnikelo womlilo kuJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:7
17 Referans Kwoze  

Uyowuletha emadodaneni ka-Aroni angabaphristi. Ayocaphuna ngesandla impuphu ecolisekileyo, amafutha, nayo yonke inhlaka, umphristi uyokushisa kube nentuthu e-althare kube yisikhumbuzo, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


yathi: ‘Khorneliyu, kuzwakele ukukhuleka kwakho, nokwabela kwakho abampofu izipho, kukhunjuliwe phambi kukaNkulunkulu.


Wayigqolozela enovalo, wathi: “Kwenzenjani, Nkosi na?” Yathi kuye: “Imikhuleko yakho nokwabela kwakho abampofu izipho kwenyukile, kwaba yisikhumbuzo phambi kukaNkulunkulu.


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma.


USimakade wathi kuMose: “Kulobe lokhu encwadini kube yisikhumbuzo, ukutshele uJoshuwa ngokuba ngizowabhubhisa aphele nya ama-Amaleki phansi kwezulu, angabe esakhunjulwa nhlobo.”


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


“ ‘Lolo lusuku luyakuba lusuku lwesikhumbuzo kini, futhi niyakulugubha lube wumkhosi kaSimakade. Zonke izizukulwane ziyakulugcina lube yisimiso saphakade.


Kuyothi njalo uma kuvela uthingo lwenkosazana emafini, ngilubheke qede ngikhumbule isivumelwano saphakade esikhona phakathi kwami nezilwane zonke eziphilayo emhlabeni ngezinhlobo zazo.”


Uyowabeka lawa matshe ezizibeni zengubo yamahlombe njengesikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, bese u-Aroni awembathe amagama abo emahlombe akhe phambi kukaSimakade kube yisikhumbuzo.


Umphristi uyothatha eyakhe ingxenye, kuthi okunye akushise kube nentuthu e-althare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho.


“ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite