Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:4 - IsiZulu 2020

4 Uyakulungisa njalo izibani othini olucwengekileyo, phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 alungise njalo izibani othini olucwengekileyo phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kumelwe abeke izibani othini lwesibani oluhlanzekile njalo phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:4
19 Referans Kwoze  

itafula nayo yonke impahla yalo, uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nazo zonke izinto zalo, ne-althare lokushisela impepho,


uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nezibani zalo zihleliwe, nakho konke okuhambisana nalo, amafutha okukhanyisa,


Labo bayiminqumo emibili nezinti zezibani ezimbili ezimi phambi kweNkosi yomhlaba.


Ngakho-ke khumbula lapho uwe khona, uphenduke, wenze imisebenzi yakuqala, kodwa uma kungenjalo, ngiyeza kuwe, ngizakulususa uthi lwesibani sakho endaweni yalo, uma nje ungaphenduki.


Imfihlakalo yezinkanyezi eziyisikhombisa ozibonileyo esandleni sami sokunene, nezinti zegolide zezibani eziyisikhombisa, yile: izinkanyezi eziyisikhombisa yizingelosi zamabandla ayisikhombisa, kuthi izinti zegolide zezibani eziyisikhombisa zingamabandla ayisikhombisa.”


Ngokuba kwakhiwa ithabanakeli lokuqala okwakukhona kulo uthi lwezibani, itafula, nesinkwa sokubukwa; libizwa ngokuthi yiNdawo eNgcwele.


Induna yabalindi yathatha izindebe, imicengezi yomlilo, izitsha, amabhodwe, izinti zezibani, izinkezo, izinkamba, okwakwenziwe ngegolide elicwengekileyo nesiliva elicwengekileyo.


Isisindo sezinti zezibani zegolide nezibani zazo zegolide, isisindo salolo nalolo luthi lwesibani nezibani zalo, izinti zesiliva, isisindo sothi nezibani zalo njengomsebenzi walolo nalolo luthi.


izinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo, phambi kwegumbi eliphakathi, izimbali, izibani, izindlawu, konke wakwenza ngegolide,


“Bayakuthatha indwangu eluhlaza okwesibhakabhaka, bamboze uthi lwezibani, nezibani zalo, izindlawu zalo, izitsha zalo zomlotha, nazo zonke izitsha zamafutha abazisebenzisa kulo;


Umsebenzi wabo kwakungukugcina umphongolo, itafula, uthi lwezibani, ama-althare, izitsha ezisetshenziswa endaweni engcwele, ikhethini nayo yonke imisebenzi eyayenziwa ngalezo zinto.


ngaphandle kwesihenqo sobufakazi, ethendeni lokuhlangana. U-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kuse. Lokhu kuyoba yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu.


“Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ”


Bavala nezivalo zompheme, bacima izibani, abayishisanga impepho, abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite