Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:2 - IsiZulu 2020

2 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zivuthe njalonjalo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha acwengekileyo agqunyiwe okukhanyisa ukuze izibani zivutha njalo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:2
27 Referans Kwoze  

Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ngakho uJesu wabuye wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe. Ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa uyakuba nokukhanya kokuphila.”


ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”


UJohane wayeyisibani esivuthayo nesikhanyisayo. Nina-ke nakhetha ukuzijabulisa okwesikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.


Kuye kwakukhona ukuphila; lokhu kuphila okungukukhanya kwabantu.


“Izinkalo zenu mazihlale ziboshiwe, nezibani zenu zivutha.


ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa, nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini.


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.”


UMoya kaSimakade uyohlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uSimakade.


isifundiso nobufakazi kwabafileyo na? Impela abakhuluma ngalolu hlobo, kabasoze baba nakukhanya.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokuyala kuyindlela yokuphila,


Ukwambulwa kwamazwi akho kunika ukukhanya, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


Njalo ekuseni nakusihlwa bashisela uSimakade iminikelo yokushiswa nempepho enephunga elimnandi, bahlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhele uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo njalo kusihlwa, ngokuba thina sisawugcina umyalo kaSimakade uNkulunkulu wethu, kodwa nina nimshiyile.


Wabeka uthi lwezibani ethendeni lokuhlangana, maqondana netafula elisohlangothini olungaseningizimu yethabanakeli.


uthi lwezibani olwenziwe ngegolide elicwengekileyo nezibani zalo zihleliwe, nakho konke okuhambisana nalo, amafutha okukhanyisa,


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


ngaphandle kwesihenqo sobufakazi, ethendeni lokuhlangana. U-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kuse. Lokhu kuyoba yisimiso saphakade ezizukulwaneni zenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite