Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:16 - IsiZulu 2020

16 Ohlambalaza igama likaSimakade uyokufa nokufa. Impela inhlangano yonke iyomkhanda ngamatshe. Umfokazi noma umnsinsi wokuzimilela uyobulawa, uma ehlambalaza igama likaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, yonke inhlangano imkhande nokumkhanda ngamatshe; umfokazi noma owokuzalwa ekhaya, nxa ehlambalaza igama likaJehova, wobulawa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ohlambalaza igama likaJehova wobulawa nokubulawa, inhlangano yonke imkhande ngamatshe; kokubili umfokazi nowokuzalwa ezweni, lapho ehlambalaza iGama leNkosi, uyabulawa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:16
19 Referans Kwoze  

Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa.


Akusibo yini abahlambalaza igama elihle enibizwa ngalo na?


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


Emasinagogeni wonke, kukaningi ngibajezisa, ngibaphoqa ukuba bahlambalaze; ngibathukuthelele kakhulu, ngibahlupha kwaze kwaba semizini yabezizwe.”


Pho nithini ngalokhu na?” Baphendula bathi: “Ufanelwe ngukufa.”


Izitha zakho zikhuluma kabi ngawe, zihlambalaza igama lakho.


Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Nkulunkulu, kuyoze kube nini umcindezeli esithuka, isitha sihlala sihlambalaza igama lakho na?


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


Senizizwele ehlambalaza; pho nithini?” Bonke bamlahla ngecala, bethi ufanelwe ngukufa.


AbaJuda bamphendula, bathi: “Sinomthetho thina; ngokwalo mthetho ufanele ukuba afe, ngokuba uzenze iNdodana kaNkulunkulu.”


bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


UDavide wasuka wahamba nabo bonke abantu ayenabo, besuka eBhali Juda, ukuyolinda umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, igama likaSimakade Wamabandla ohlala phezu kwamakherubhi.


“Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite