Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:15 - IsiZulu 2020

15 Uyokhuluma nabantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo oyakuthuka uNkulunkulu wakhe uyakujeziswa ngenxa yesono sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uyakukhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo othuka uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:15
7 Referans Kwoze  

Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ohambeni, ohluleka ukuligcina iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo, ngokuba engalethanga umnikelo kaSimakade ngesikhathi esimisiweyo; lowo muntu uyojeza.


“ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi,’ bese nimkhiphela phandle, nimkhande ngamatshe, afe.”


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite