Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:11 - IsiZulu 2020

11 Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza iGama, yathuka; yalethwa kuMose. Igama likanina lalinguShelomiti indodakazi kaDibiri, owesizwe sakwaDani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yahlambalaza, yathuka iGama leNkosi. Bamyisa kuMose; igama likanina lalinguShelomoti, indodakazi kaDibri, wesizwe sakwaDani.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:11
33 Referans Kwoze  

Bayodabula ezweni bexakekile, futhi belambile. Ekulambeni kwabo bayovutha bhe ulaka, bayethuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, baphenduke babheke phezulu.


Ake welule isandla sakho uthinte amathambo akhe nenyama yakhe, uzobona uyakukuthuka bukhoma.”


Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


Zehlulela abantu ngezikhathi zonke. Amacala anzima zaziwedlulisela kuMose. Zonke izindaba ezilula zehlulelwa yizo.


Makube yibona abehlulela abantu ngezikhathi zonke; balethe kuwe zonke izindaba ezinkulu, kodwa amacala amancane mawanqunywe yibo, ukuze bawenze ube lula umthwalo wakho, bathwalisane nawe.


UNkulunkulu wabuye wathi kuMose: “Uyakusho kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘USimakade uNkulunkulu woyihlo, uNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe ungithumile kini.’ Leli yigama lami kuze kube phakade, engiyakukhunjulwa ngalo ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Abantu bahlaselwa yisichotho esikhulu esasisinda ngangethalenta, sivela ezulwini. Abantu bahlambalaza uNkulunkulu ngenxa yenhlupheko yesichotho, ngokuba yayinkulu kakhulu.


Kepha bahlambalaza uNkulunkulu wezulu ngenxa yobuhlungu nezilonda zabo, kodwa abaphendukanga emisebenzini yabo.


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


Ngokuba igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwabezizwe ngenxa yenu, njengokuba kulotshiwe.


Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza.


Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho, khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.


Simakade, khumbula lokhu, isitha sisethukile, nesizwe esinobuwula silihlambalazile igama lakho.


Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.


Kepha-ke ake welule isandla sakho uthinte konke anakho, ubone ukuthi akazukukuqalekisa yini, ebusweni bakho.”


Kwakuthi lapho sezedlule izinsuku zedili, uJobe athumele awangcwelise. Wayevuka ekuseni, anikele ngeminikelo yokushiswa ngokwenani lawo, ethi: “Hleze izingane zami zonile, zamqalekisa uNkulunkulu ezinhliziyweni zazo.” Wenza kanjalo uJobe zonke izinsuku.


Weyise bani, wathuka bani na? Uliphakamisele bani izwi, uwabhekisele bani amehlo akho phezulu na? Ongcwele ka-Israyeli!


‘Niyokuthi kuHezekiya, inkosi yakwaJuda: “Ungavumi uNkulunkulu wakho omethembayo akukhohlise ngokuthi iJerusalema aliyukunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.”


U-Izaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “Ungawesabi amazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.


U-Eliyakimi, indodana kaHilikiya owayengamele isigodlo, uShebhina, umbhali, noJowa, indodana ka-Asafa, umqophi, babuyela kuHezekiya izingubo zabo beziklebhulile, bamlandisa amazwi ayekhulunywe nguRabi Shake.


Ngobani phakathi konkulunkulu bamazwe abake bophula izwe labo esandleni sami, ukuba nicabange ukuthi uSimakade angalophula iJerusalema esandleni sami na?”


futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uSimakade, nithi: “USimakade uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyukunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.” ’


Amadoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; afakaza ngaye lawo madoda amabi, athi: “UNabothi uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi,’ bese nimkhiphela phandle, nimkhande ngamatshe, afe.”


Noma kunjalo-ke, ngenxa yaleso senzo wenze ukuba izitha zikaSimakade zimhlambalaze, ngakho umntwana ozozalwa uzokufa.”


“Awunakumthuka uNkulunkulu, noma uqalekise umholi wabantu bakini.


Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli noyise ongowaseGibhithe yaphuma yaya phakathi kwabakwa-Israyeli. Indodana yowesifazane wakwa-Israyeli yaxabana nomuntu wakwa-Israyeli enkanjini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite