Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 23:14 - IsiZulu 2020

14 Aniyukudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha kuze kufike lolo lusuku, nize nilethe umnikelo kaNkulunkulu wenu; lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolo suku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Aniyikudla isinkwa, nokolweni okugazingiwe, noma amabele aluhlaza, kuze kufike lolo suku eninikela ngalo ngomnikelo kuNkulunkulu wakho; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindawo zenu zokuhlala.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 23:14
15 Referans Kwoze  

“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala. “Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


Wabazisa ngeSabatha lakho elingcwele, wabashayela imithetho, izimiso nemiyalelo ngenceku yakho uMose.


Uyokhumbula ukuthi wawuyisigqila eGibhithe, uqaphele ukuba uzilondoloze, futhi uzenze lezi zimiso.


nize nifundise abantu bakwa-Israyeli zonke izimiso uSimakade azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”


“ ‘Lokhu kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindaweni enihlala kuzo sokuthi aniyukuwadla amanoni negazi.’ ”


Imiyalo kaSimakade ilungile, ingumthombo wokwethaba kwenhliziyo; umyalo kaSimakade uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.


“ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho,


Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.


Aniyukwenza msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu, kuzo zonke izindlu zenu.


Niyakuwugubha uMkhosi kaSimakade izinsuku eziyikhombisa ngonyaka, lokhu kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; niyakuwugubha ngenyanga yesikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite