Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 23:11 - IsiZulu 2020

11 Yena uyakusizungezisa isithungo phambi kukaSimakade ukuze namukeleke. Umphristi uyakusizungezisa ngosuku olulandela isabatha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 yena asizulise isithungu phambi kukaJehova ukuba samukelwe ngenxa yenu; ngakusasa emva kwesabatha umpristi uyakusizulisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kumelwe ahambise isithungu phambi kukaJehova ukuze samukelwe kini; ekuseni emva kwesabatha umpristi uyakuyisusa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 23:11
7 Referans Kwoze  

ukubeke konke lokhu ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.


Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.


izifuba, nomlenze wangakwesokunene u-Aroni wakuzungezisa, kwaba ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade njengalokhu ayeyalile uMose.


Luyokuba sebunzini lika-Aroni. U-Aroni uyakuthwala icala lanoma yimuphi umnikelo ongcwele, abantu bakwa-Israyeli abawehlukanisa njengomnikelo ongcwele, luyohlala njalo ebunzini lakhe ukuze bamukeleke phambi kukaSimakade.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engizakuninika lona, senivunile isivuno salo; niyoletha kumphristi isithungo solibo lokuqala lwesivuno senu.


Ngalolo lusuku enizungezisa ngalo isithungo, niyakunikela ngemvu yeduna engenasici, enonyaka; ibe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade.


UNawomi nomalokazana wakwakhe uRuthi babuyela kwelakubo besuka kwaMowabi. Bafika eBhethlehema ngesikhathi kuqala ukuvunwa kwebhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite