Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 23:10 - IsiZulu 2020

10 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engizakuninika lona, senivunile isivuno salo; niyoletha kumphristi isithungo solibo lokuqala lwesivuno senu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa nifikile ezweni engininika lona, nivune isivuno salo, anoletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi kibo: Nxa lingena elizweni engilinika lona, livune isivuno salo, lizaletha kumpristi isithungu solibo lwesivuno senu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 23:10
22 Referans Kwoze  

“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala. “Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


“Uyozibalela amasonto ayisikhombisa; kusukela esikhathini oqale ngaso ukuvuna okusanhlamvu, uqale ubale amasonto ayisikhombisa.


“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu emkhosini wenu wamaviki, niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


Lonke ulibo lokuqala lwakho lwekhethelo, konke nayo yonke iminikelo yakho, konke eminikelweni yenu yonke, kuyakuba ngokwabaphristi, nimnike umphristi ulibo lwenhlama yenu, ukuze isibusiso sihlale endlini yakho.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma nifika ezweni engizakuninika lona ukuba nihlale kulo,


Niyoletha okuvela ezindlini zenu kube yizinkwa ezimbili zomnikelo wokuzungeziswa, okubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, ziyoba nemvubelo, bese ziphekwa, zibe lulibo lokuqala kuSimakade.


“Uyowugcina umkhosi wamaviki, owolibo lukakolo ovuniweyo, nomkhosi wokuvuna ekupheleni konyaka.


“Uyogubha umkhosi wokuvuna wezithelo zokuqala zomsebenzi wakho owuhlwanyele ensimini. “Ugubhe umkhosi wokuqoqa konke okulime ensimini ekupheleni konyaka.


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, anjalo namagatsha.


Lapho abathwele umphongolo befika eJordani, nezinyawo zabaphristi sezithinte amanzi osebeni lomfula iJordani ogola izintethe ngaso sonke isikhathi sokuvuna,


“Kuyothi lapho senifikile eKhanani engizakuninika lona libe yifa lenu, ngibeke isifo sochoko endlini, ezweni eniliphiweyo.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Yena uyakusizungezisa isithungo phambi kukaSimakade ukuze namukeleke. Umphristi uyakusizungezisa ngosuku olulandela isabatha.


UNawomi nomalokazana wakwakhe uRuthi babuyela kwelakubo besuka kwaMowabi. Bafika eBhethlehema ngesikhathi kuqala ukuvunwa kwebhali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite