Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:9 - IsiZulu 2020

9 “ ‘Ngakho-ke bayogcina umyalo wami; ukuze bangabi nesono ngenxa yawo, bese befa ngokuba bewujivazile; nginguSimakade obangcwelisayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngalokho abogcina isiyalezo sami, funa babe nesono ngaso, bafele kuso, uma besihlambalaza, nginguJehova obangcwelisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kumelwe bagcine izimiso zami, ukuze bangathwali isono futhi ngenxa yalokho bafe uma besingcolisa; mina, Jehova, ngiyabangcwelisa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:9
10 Referans Kwoze  

U-Aroni namadodana akhe bayowagqoka lapho bengena ethendeni lokuhlangana, nalapho besondela e-althare ukuyokhonza endaweni engcwele, uma bengenzi kanjalo bayakuzithwesa icala, bafe. Lokhu kuyakuba yisimiso saphakade kuye nasezizukulwaneni zakhe kuze kube phakade.


Lapho seninikelile ngokwekhethelo kwakho, aniyukuba nacala, kodwa aniyukuzingcolisa izinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, futhi aniyukufa.’ ”


Abantu bakwa-Israyeli abayukusondela ethendeni lokuhlangana, funa bathwale isono, bafe.


bazenze babe necala lokudla izinto ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


Ziwula, zimpumputhe, kanti yikuphi okukhulu phakathi kwegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?


Uyoyibeka impepho emlilweni phambi kukaSimakade ukuze ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi.


Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


“Ngakho-ke uyomthanda uSimakade uNkulunkulu wakho, ugcine imithetho yakhe, izimiso zakhe, izehlulelo zakhe, nemiyalo yakhe izinsuku zonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite