Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:8 - IsiZulu 2020

8 Akayukuyidla ingcuba nesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, ukuze angazingcolisi ngakho; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Okuzifelayo noma okudweshulwe esilwaneni, makangayidli ukuba azingcolise ngakho; mina nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:8
8 Referans Kwoze  

“ ‘Noma ngubani odla ingcuba noma isilwane esidweshulwe yizilo, noma ngabe ungowolibo noma ngumfokazi, uyohlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe, bese eyahlambuluka.


“Niyakuba ngabantu abangcwele kimi, ngakho-ke ningayidli inyama yesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, kodwa aniboyiphonsela izinja.


Abaphristi abayukuyidla inyoni noma isilwane esizifeleyo noma esidweshuliweyo.’ ”


“Aniyukuyidla ingcuba; aniyukumnika umfokazi osemzini wenu ukuba ayidle, noma nithengise ngayo kowezizwe, ngokuba nina niyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Aniyukupheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


Amanoni engcuba nawokudweshulwe yisilwane sasendle angasetshenziselwa yonke eminye imisebenzi, kodwa aniyukuwadla nhlobo.


Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”


Uyokwenza okufanayo ngamazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho. Uyakuwavumela abe nonina izinsuku eziyisikhombisa, bese kuthi ngosuku lwesishiyagalombili uwanikele kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite