Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:6 - IsiZulu 2020

6 Umuntu oyothinta okunjalo uyokuba ngongcolileyo kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, aze ageze umzimba wakhe ngamanzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 umuntu othinta okunjalo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe, angazidli izinto ezingcwele, uma engagezi umzimba wakhe ngamanzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umphefumulo othinte into enjalo uyoba ongcolile kuze kuhlwe futhi ngeke uzidle izipho ezingcwele ngaphandle kokuba ugeze umzimba wakhe ngamanzi.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:6
16 Referans Kwoze  

masisondele ngenhliziyo eqinisileyo nangokwethemba kokukholwa okupheleleyo, zifafaziwe izinhliziyo zethu konembeza ababi, nomzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.


Yilowo nalowo oyothinta umbhede wakhe uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Abanye benu babenjalo, kodwa senahlanzwa, nangcweliswa, nalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Khristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


Wayesethi uHagayi: “Uma umuntu engcoliswe yisidumbu bese ethinta noma yikuphi kwalokho, ngabe kuyakungcola yini na?” Abaphristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”


nalowo oyothinta okunwabuzelayo okungamngcolisa, noma yimuphi omunye umuntu ongamngcolisa, noma ngabe unakungcola kwaluhlobo luni.


Uma selishonile ilanga uyoba ngohlambulukileyo, bese edla izinto ezingcwele, ngoba zingukudla kwakhe.


Konke okuyothintwa ngumuntu ongcolileyo kuyoba ngokungcolile; umuntu oyokuthinta uyoba ngongcolileyo kuze kuhlwe.’ ”


Zonke ezihamba ngezidladla kuzo zonke izilwane ezihamba ngezinyawo ezine zingcolile kini; bonke abathinta izidumbu zazo bayakuba ngabangcolile kuze kuhlwe.


Othwala isidumbu saso uyohlanza izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe; zingcolile kini.


Zonke lezi zilwane zingcolile kini phakathi kwezilwane ezihuquzelayo; oyothinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kube kusihlwa.


Konke esiyowela phezu kwakho sesifile kuyakuba ngokungcolileyo, noma ngumuthi, noma yingubo, noma yisikhumba, noma yisaka, noma ngabe yini nje okusetshenzwa ngayo; kuyakufakwa emanzini, kube ngokungcolile kuze kuhlwe; khona kuyakuhlanzeka.


“ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta leyo ngcuba uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Odla ingcuba makahlambulule izingubo zakhe, uyoba ngongcolile kuze kuhlwe. Othwala isidumbu saso makahlanze izingubo zakhe, abe ngongcolile kuze kuhlwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite