Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:4 - IsiZulu 2020

4 “ ‘Yilowo nalowo wozalo luka-Aroni onochoko noma omfimfayo akayukuzidla izinto ezingcwele aze ahlambuluke, nalowo othinta okungcoliswe yisidumbu, noma ngumuntu oshaywe yizibuko,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Yilowo nalowo wenzalo ka-Aroni onochoko noma ocucuzayo akayikudla izinto ezingcwele aze ahlambuluke. Nalowo othinta okungcolile ngabafileyo, noma umuntu oshaywa yizibuko,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bonke benzalo ka-Aroni banochoko noma ocucuzayo; angadli izinto ezingcwele aze ahlambuluke. “ ‘Yilowo nalowo othinta into engcolileyo ngofileyo, noma umuntu ophuma kuye imbewu;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:4
18 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuMose: “Yisho kubaphristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabi bikho oyozingcolisa ngokuthinta ofileyo kubantu bakubo,


“ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta leyo ngcuba uyakuba ngongcolileyo kuze kuhlwe.


Yonke iminikelo yezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli abanikela ngayo, ngiyinika wena namadodana namadodakazi akho, ibe ngeyenu kuze kube phakade. Kuyisivumelwano sikasawoti, kuze kube phakade phambi kukaSimakade, kuwe nasezizukulwaneni zakho.”


Lokhu kuyakuba ngokwenu ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni, kuyo yonke iminikelo yabo, nakuyo yonke iminikelo yabo yokusanhlamvu, nakuyo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abayonikela ngayo kimi, iyoba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.


Uyakusidla isinkwa sikaNkulunkulu wakhe esingcwelengcwele nesingcwele.


Okusale emnikelweni wokusanhlamvu kuyokuba ngokuka-Aroni namadodana akhe; kungcwelengcwele eminikelweni yomlilo kaSimakade.


Okuseleyo emnikelweni wokusanhlamvu kuyakuba ngokuka-Aroni namadodana akhe, kuyingxenye yeminikelo yomlilo kaSimakade engcwelengcwele.


Zonke izingubo nazo zonke izikhumba elikuzo izibuko lakhe ziyakuhlanzwa ngamanzi, zibe ngezingcolileyo kuze kuhlwe.


Wayesethi uHagayi: “Uma umuntu engcoliswe yisidumbu bese ethinta noma yikuphi kwalokho, ngabe kuyakungcola yini na?” Abaphristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”


Umuntu ongcolileyo futhi ongazihlambululanga, lowo uyakunqunywa ebandleni ngoba engcolise indawo kaSimakade engcwele. Lokhu engafafazwanga ngamanzi okuhlambulula, ungcolile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite