Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:22 - IsiZulu 2020

22 Aniyukunikela ngephuphuthekayo, eyaphukile, elimele, enesilonda, enokhwekhwe nenomuna, futhi aniyukunikela ngazo kuSimakade, zibe ngumnikelo womlilo e-althare lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ephuphuthekayo noma eyaphukileyo noma elimeleyo noma enesilonda noma enokhwekhwe noma enomuna, ninganikeli ngazo kuJehova, futhi ninganikeli ngazo zibe ngumnikelo womlilo e-altare kuJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Eyimpumputhe noma ephukile noma ekhubazekile noma enensumpa noma enokhwekhwe noma enokhwekhwe aniyikunikela ngayo kuJehova, futhi aniyikuletha ngayo umnikelo wokushiswa kuJehova e-altare.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:22
9 Referans Kwoze  

Aniyukunikela nganoma ngani enesici, ngokuba aniyukwemukeleka.


Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.


Amadodana ka-Aroni ayokushisa konke lokhu kube nentuthu e-althare, nomnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni, kube ngumnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Uyothatha kulowo mnikelo wokuthula anikele ngawo ube ngumnikelo womlilo kuSimakade, umhlwehlwe nawo wonke amanoni amboze ezangaphakathi,


kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.


ezangaphakathi namanqina ayokugeza ngamanzi, umphristi bese ekushisa konke kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Umuntu onikela ngomnikelo womhlatshelo wokuthula kuSimakade ukufeza isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, ukuze emukeleke, kuyoba ngengenasici.


Inkunzi noma imvu enesitho eside kunezinye noma enesitho esincane, ninganikela ngayo ibe ngumnikelo wesihle, kodwa uma kungowesifungo awuyukwamukeleka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite