Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:21 - IsiZulu 2020

21 Umuntu onikela ngomnikelo womhlatshelo wokuthula kuSimakade ukufeza isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, ukuze emukeleke, kuyoba ngengenasici.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Umuntu onikela ngomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ukugcwalisa isithembiso noma owomnikelo wesihle ezinkomeni noma ezimvini, umelwe ukuphelela ukuba wamukeleke, kungabi sici kuwo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Njalo loba ngubani oletha umhlatshelo wokubonga eNkosini ukugcwalisa isithembiso sakhe, loba umnikelo wesihle wenkomo kumbe wezimvu, uphelele ukuze wamukelwe; kungase kungabi khona ukuntula.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:21
13 Referans Kwoze  

“ ‘Uma unikela ngeduna njengomnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma iminikelo yokuthula kuSimakade,


senenza umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo ukwenza iphunga elimnandi kuSimakade, ezinkomeni noma ezimvini,


Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula kuSimakade ovela emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi uyonikela ngokungenasici.


“ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade.


“Namuhla ngiyenzile iminikelo yokuthula; ngazigcwalisa izithembiso zami.


Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzifeze izithembiso zakho kuye Ophezukonke,


UJakobe wenza isifungo, wathi: “Uma uNkulunkulu ezoba nami, angivikele kulolu hambo lwami, angiphe ukudla nokokwembatha,


Bonke abantu bakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, baletha ngokukhululeka noma yini ukuze kwenzeke umsebenzi uSimakade ayemyalile uMose ukuba wenziwe, bakuletha kuSimakade njengomnikelo wesihle.


Aniyukunikela ngephuphuthekayo, eyaphukile, elimele, enesilonda, enokhwekhwe nenomuna, futhi aniyukunikela ngazo kuSimakade, zibe ngumnikelo womlilo e-althare lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite