Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:2 - IsiZulu 2020

2 “Khuluma ku-Aroni namadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, abazehlukanisela Mina njengezingcwele, ukuze bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bazihlukanise nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli, bangangcolisi igama lami elingcwele ezintweni abazingcwelisa kimi; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:2
16 Referans Kwoze  

“Wonke amazibulo amaduna ayozalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho uyowangcwelisela uSimakade uNkulunkulu wakho; awuyukusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, awuyukuligunda izibulo lezimvu zakho.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Lapho seninikelile ngokwekhethelo kwakho, aniyukuba nacala, kodwa aniyukuzingcolisa izinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, futhi aniyukufa.’ ”


Aniyukulihlambalaza igama lami elingcwele; ngiyakuzibonakalisa ngingcwele phakathi kwabantu bakwa-Israyeli; nginguSimakade oningcwelisayo,


“ ‘Aniyukwenza isifungo samanga ngegama lami; nize nihlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguSimakade.


Luyokuba sebunzini lika-Aroni. U-Aroni uyakuthwala icala lanoma yimuphi umnikelo ongcwele, abantu bakwa-Israyeli abawehlukanisa njengomnikelo ongcwele, luyohlala njalo ebunzini lakhe ukuze bamukeleke phambi kukaSimakade.


uyonikela ngawo wonke amazibulo kuSimakade, wonke amazibulo, amazibulo ezinkomo, nawo wonke amaduna ngakaSimakade.


Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yokushiswa kaSimakade, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho, bayakuba ngcwele.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


“ ‘Kanjalo-ke niyakugcina abantu bakwa-Israyeli behlukanisiwe nokungcola kwabo ukuze bangafeli ekungcoleni kwabo, nokuba bangayingcolisi indawo yami engihlala kuyo phakathi kwabo.’ ”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Ngathi kubo: “Ningcwele kuSimakade, nezitsha zingcwele, isiliva negolide liyiminikelo yesihle kuSimakade uNkulunkulu wokhokho benu.


Hambani, hambani, phumani lapho! Ningathinti lutho olungcolileyo, phumani phakathi kwalo, zihlambululeni, nina eniphatha izitsha zikaSimakade.


Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kodwa nizibekele abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite