Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:18 - IsiZulu 2020

18 “Yisho ku-Aroni namadodana akhe, nabo bonke abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu yakwa-Israyeli noma ongumfokazi kwa-Israyeli, onikela ngomnikelo wakhe ngenxa yesifungo nanoma yisiphi, noma umnikelo wakhe wesihle, uyowunikela kuSimakade, ube ngumnikelo wokushiswa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Yisho ku-Aroni, nakumadodana akhe, nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo wendlu ka-Israyeli noma umfokazi kwa-Israyeli onikela ngomnikelo wakhe, noma owesithembiso sakhe noma oweminikelo yakhe yesihle, okunikelwa ngayo kuJehova ibe ngumnikelo wokushiswa,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe nakubo bonke abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilowo nalowo owendlu ka-Israyeli noma owezizweni kwa-Israyeli uyini umnikelo wakhe wokudla kuzo zonke izithembiso zakhe nakuyo yonke iminikelo yakhe yesihle anikela ngayo. Bayakunikela kuJehova njengomnikelo wokushiswa;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:18
29 Referans Kwoze  

niyiyise lapho iminikelo yenu yokushiswa, imihlatshelo yenu, okweshumi kwenu, umnikelo wenu wokuphakanyiswa wesandla senu, izithembiso zenu, iminikelo yenu yesihle, neyamazibulo ezinkomo nezimvu zenu.


senenza umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo ukwenza iphunga elimnandi kuSimakade, ezinkomeni noma ezimvini,


“Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Noma ngubani kini oletha umnikelo wemfuyo kuSimakade, uyoletha umnikelo awuthathe ezinkomeni noma ezimvini noma ezimbuzini.


Kuthe uPawula esehlale lapho izinsuku eziningi, wavalelisa kubazalwane, wahamba ngomkhumbi, waya eSiriya noPhrisila no-Akhwila; eseligundile ikhanda lakhe eKhenikhreya, ngokuba wayezibophezele ngesifungo.


Bheka ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula. Gubha imikhosi yakho Juda, feza izifungo zakho, ngokuba omubi akasayukudabula futhi kuwe. unqunywe ngokupheleleyo.


Kepha mina ngiyakuletha umhlatshelo, ngihuba amahubo okudumisa, ngiyakufeza izithembiso zami, ngokuba insindiso ivela kuSimakade.”


Amatilosi amesaba kakhulu uSimakade, anikela kuye umhlatshelo, enza nezifungo.


Uma wenza isifungo kuNkulunkulu ungephuzi ukusifeza, ngokuba akazithokozeli iziwula. Sifeze isifungo sakho.


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe,


Ngiyakufeza izithembiso zami kuSimakade, yebo, naphambi kwabo bonke abantu bakhe.


Ngizongena endlini yakho neminikelo yokushiswa, ngizifeze izifungo engazenza kuwe,


Udumo lufanele Wena, Nkulunkulu, eZiyoni kuyofezeka isithembiso kuwe.


Ngakho-ke ngizolihubela igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngifeze izifungo zami usuku nosuku.


Ngokuba Wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami, wanginika isabelo salabo abesaba igama lakho.


Nkulunkulu, izifungo zami zingibophezele kuwe, ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.


Ukudumisa kwami kuyakuvela kuwe ebandleni elikhulu, izithembiso zami ngiyozifeza phambi kwalabo abamesabayo.


Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile.


Okweshumi kokusanhlamvu kwakho, okwewayini lakho, okwamafutha akho, okwamazibulo ezinkomo zakho, okwezimvu zakho, izithembiso ozenzile, iminikelo yakho yesihle, umnikelo wokuphakanyiswa wesandla sakho, aniyukukudla ngaphakathi kwamasango enu.


ngaphandle kwamasabatha kaSimakade, nangaphandle kwezipho zenu, nangaphandle kwezithembiso zenu zonke, nangaphandle kweminikelo yenu yonke yesihle eniyonikela ngayo kuSimakade.


“ ‘Yilowo nalowo muntu kwabakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo, ozingela abambe isilwane noma inyoni edliwayo, uyochitha igazi layo, alemboze ngothuli.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


“ ‘Kepha uma umhlatshelo owunikelayo ungowesifungo noma ungowesihle, uyodliwa ngosuku onikelwe ngalo; okuseleyo kuwo kuyodliwa ngakusasa,


“ ‘Uma umnikelo wakhe ewuthathe emhlanjini wezimvu noma wezimbuzi, ukuba ube ngumnikelo wokushiswa, makanikele ngeduna elingenasici.


Iwundlu malingabi nasici, libe nonyaka, libe yiduna, ungalithatha ezimvini noma ezimbuzini.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Nishise umnikelo wokubonga ngokunemvubelo, nimemezele iminekelo yesihle, niqhoshe ngayo, ngokuba nithanda ukwenza kanjalo, bantu bakwa-Israyeli,” kusho iNkosi uSimakade.


“Makaqalekiswe oyiqili, okukhona iduna emhlanjini wakhe, afunge, ahlabele iNkosi okunesici, ngokuba ngiyinkosi enkulu, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe,” kusho uSimakade Wamabandla.


UKhore, indodana kaJimina umLevi, umlindi wesango elalisempumalanga, wayengamele iminikelo kaNkulunkulu yesihle, ukuze ayabe iminikelo kaSimakade neyezinto ezingcwelengcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite