Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:13 - IsiZulu 2020

13 Kodwa uma indodakazi yomphristi ingumfelokazi noma ilahlwe yindoda, ingenamntwana, bese ibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakusidla isinkwa sikayise, kepha umfokazi akayukusidla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ingolahliweyo ingenamntwana, bese yibuyela endlini kayise njengasebusheni bayo, iyakudla isinkwa sikayise; kepha umfokazi makangasidli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kepha uma indodakazi yompristi ingumfelokazi noma ihlukanisiwe, ingenamntwana, ibuyele endlini kayise njengasebusheni bayo, ingadla ukudla kukayise; kodwa umfokazi makangalidli.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:13
11 Referans Kwoze  

Isifuba sokuzungeziswa nomlenze niyakuwudla endaweni ehlambulukileyo, wena namadodana akho namadodakazi akho, ngokuba kuyisabelo sakho nesabantwana bakho enisinikwa emihlatshelweni yeminikelo yokuthula yabantu bakwa-Israyeli.


UJuda wayesethi kuThamari, umalokazana wakwakhe: “Kungcono uhlale ube ngumfelokazi emzini kayihlo kuze kukhule indodana yami uShela.” Ngokuba uJuda wathi: “Angase afe naye lo njengabafowabo.” UThamari wahamba wayohlala emzini kayise.


Bona uqobo bayodla ukudla okwenzelwe ukubuyisana ukuze bangcweliswe futhi bahlukaniswe, kodwa akuyukuba khona omunye oyokudla lokhu, ngokuba kungcwele.


“ ‘Akukho mfokazi oyakudla okungcwele; ngisho umuntu ogogobele womphristi noma umqashwa, akayukukudla okungcwele.


Uma indodakazi yomphristi igana umfokazi, ayinakudla emnikelweni wezinto ezingcwele.


USimakade wathi kuMose no-Aroni: “Nasi isimiso sephasika: akukho mfokazi okumele ukuba alidle,


Uma esephumile endlini yakhe, angahamba-ke abe ngowenye indoda.


Ngalolo lusuku kwakukhona umuntu owayengomunye wezinceku zikaSawule, owayehlaliswe phambi kukaSimakade ukuze afeze okuthile, igama lakhe kunguDowegi wakwa-Edomi, eyinduna yabelusi bakaSawule.


Umbusi wabatshela ukuthi bangakudli okungcwelengcwele, kuze kuvele umphristi one-Urimi neThumimi.


Aniyigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kodwa nizibekele abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite