1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi:
1 UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
UMose wakhuluma lokho ku-Aroni, nasemadodaneni akhe, nakubo bonke abantu bakwa-Israyeli.
“Khuluma ku-Aroni namadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, abazehlukanisela Mina njengezingcwele, ukuze bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguSimakade.
“Nakhu okungokwakho: umnikelo wokuphakanyiswa wesipho sabo, nayo yonke iminikelo yokuzungeziswa yabakwa-Israyeli, ngikunika wena namadodana namadodakazi akho, kube ngokwenu kuze kube phakade. Yilowo nalowo ohlambulukileyo kwabendlu yakho uyakukudla.
“Uma omunye wenu enza isiphambeko, ona engahlosile ezintweni ezingcwele zikaSimakade, uyoletha kuSimakade umnikelo wecala, inqama enganasici ezimvini zakhe, noma kube yizinhlamvu zesiliva ngokweshekeli lendlu engcwele; lokho kungumnikelo wecala.