Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 21:9 - IsiZulu 2020

9 “ ‘Uma indodakazi yomphristi izingcolisa ngokufeba, ihlambalaza uyise; iyoshiswa ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, iyamhlambalaza noyise; yoshiswa ngomlilo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Indodakazi yompristi, uma izingcolisa ngokufeba, ingcolisa uyise; kumelwe ashiswe ngomlilo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 21:9
16 Referans Kwoze  

Sekwedlule izinyanga ezintathu, uJuda wathola umbiko othi: “UThamari, umalokazana wakwakho, unecala lobufebe, useze wakhulelwa kulobo bufebe bakhe.” UJuda wathi: “Mkhipheleni eshashalazini, ashiswe ngomlilo.”


“ ‘Awuyukuyingcolisa indodakazi yakho ngokuyigqugquzela ukuba ibe yisifebe, funa izwe lehlelwe ngubufebe, ligcwale ukonakala.


uma kungumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo, abangasoleki ngokungabi nasimilo nangokungalaleli.


Niyabona-ke, ngiyakusola isizukulwane senu, ngithele umswane ebusweni benu, umswane wemikhosi yenu, niyiswe kude kanye nawo.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, uHofini noFinehasi; ngalusuku lunye, bayakufa bobabili.


Isono sezinsizwa sasisikhulu kakhulu phambi kukaSimakade, ngoba bawedelela umnikelo kaSimakade.


UJoshuwa wathi: “Wenzeleni ukuba usilethele inhlupheko, na? USimakade uzakukulethela inhlekelele nawe namuhla.” Bonke abantu bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe waze wafa, babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


Kuyothi umuntu oyotholakala enokuqalekisiweyo, ashiswe ngomlilo nakho konke anakho, ngokuba esephulile isivumelwano sikaSimakade, nangokuba enze into embi kakhulu kwa-Israyeli.’ ”


“ ‘Umuntu oyothatha owesifazane nonina, kungukonakala lokho; bayakushiswa ngomlilo, yena nabo, ukuze kungabi bikho lobu bubi phakathi kwenu.


Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu.


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite