Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 21:15 - IsiZulu 2020

15 Akayukuyihlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakubo, ngokuba nginguSimakade omngcwelisayo.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Akayikuhlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe; ngokuba nginguJehova oningcwelisayo.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Futhi akufanele angcolise inzalo yakhe phakathi kwabantu bakhe, ngoba mina, iNkosi, ngiyamngcwelisa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 21:15
16 Referans Kwoze  

Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngenxa yomfazi okholwayo, nomfazi ongakholwa ungcwelisiwe ngenxa yendoda, kungenjalo izingane zenu zingcolile, kodwa kalokhu zingcwele.


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, anjalo namagatsha.


“Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu.


“UJuda akathembekanga, kwenziwe okunyanyekayo kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indawo engcwele kaSimakade ayithandayo, uganwe yindodakazi kankulunkulu wabezizwe.


Ngokuba bazithathela amadodakazi azo aba ngabafazi babo, bathathela namadodana abo. Balungcolisile ulibo olungcwele ngokuzihlanganisa nabezizwe. Abaholi nezikhulu baba ngobhongoza ekwenzeni lokho kungethembeki.”


Laba bazifuna ohleni lwabaphristi olubhaliwe, kepha abafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebuphristini, kwathiwa bangcolile.


Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.


futhi ngimqokile ukuba afundise abantwana bakhe nabendlu yakhe, ukuba bagcine umyalo kaSimakade ngokwenza ukulunga nobulungiswa, ukuze uSimakade akufeze lokho amethembise khona.”


Ziwula, zimpumputhe, kanti yikuphi okukhulu phakathi kwegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?


Akayukuganwa ngumfelokazi noma ngolahlwe yindoda noma owesifazane okhohlakele, nesifebe, kodwa uyothatha intombi phakathi kwabantu bakubo, ibe ngumkakhe.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


uthathele amadodana akho amadodakazi abo aphinga nonkulunkulu babo, bese enza ukuba amadodana akho aphinge nonkulunkulu babo.


“Khuluma kuyo inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyoba ngcwele ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wenu ngingcwele.


“ ‘Zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba Mina nginguSimakade, uNkulunkulu wenu.


bazenze babe necala lokudla izinto ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite