Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 20:9 - IsiZulu 2020

9 “ ‘Yilowo nalowo othuka uyise nonina uyobulawa nokubulawa, lokhu ethuke uyise nonina; igazi lakhe liyoba phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngokuba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; uthukile uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngoba yilowo nalowo othuka uyise noma unina wobulawa nokubulawa; wathuka uyise noma unina; igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 20:9
17 Referans Kwoze  

“Noma ngubani oqalekisa uyise noma unina kufanele abulawe.


Ngokuba uMose wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Noma ngubani othuka uyise noma unina, makafe nokufa.’


“ ‘Makaqalekiswe owedelela uyise nonina.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi: ‘Othuka uyise nonina makafe nokufa.’


Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyocima phakathi kwesigayegaye.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


“Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina.


UDavide wathi kuyo: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaSimakade.’ ”


Lokho kwenzeka ukuze kuphindiseleke unya alwenza emadodaneni kaJerubhali angama-70, nokuba igazi lawo libe phezu komfowabo u-Abhimelekhi, owawabulalayo, naphezu kwezakhamuzi zaseShekhemi ezenza abe namandla okubulala abafowabo.


Abantu bonke baphendula, bathi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


USimakade uzophindisela phezu kwakhe igazi lamadoda amabili alungileyo namahle kunaye awabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi ngalokho: u-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi yakwa-Israyeli, no-Amasa, indodana kaJetheri, umkhuzi wempi yakwaJuda.


Uma kukhona ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho abe semgwaqweni, kuyoba yicala lakhe uma efa, thina asiyukuba nacala, kodwa uma kukhona othinta noma yimuphi kulabo abanawe endlini, icala lokufa kwabo liyothwalwa yithi.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


“ ‘Uma owesifazane esondela esilwaneni ukuba alale naso, uyobulawa owesifazane nesilwane; bayobulawa nokubulawa, igazi labo libe semakhanda abo.


Babaphatha ngendlakadla oyise nonina kuwe, abafokazi abagogobele kuwe babacindezela, kwathi izintandane nabafokazi abakuwe baphathwa kabi.


ibolekisa ukuze ithole inzalo, ithatha inzalo; ngabe iyakuphila yini na? Qha, ayiyukuphila, ngokuba yenze zonke lezo zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite