Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 20:8 - IsiZulu 2020

8 Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguSimakade oningcwelisayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Anogcina izimiso zami, nizenze; nginguJehova oningcwelisayo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 20:8
19 Referans Kwoze  

“Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo.


Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa.


Kepha thina simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani, bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba uNkulunkulu wanikhetha ukuba nibe ngabokuqala ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso,


Sengathi uNkulunkulu wokuthula, Yena uqobo, anganingcwelisa ngokupheleleyo, alondoloze umoya wenu wonke, nomphefumulo nomzimba, kungabi nasici ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Khristu.


Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.


“Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.


Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini, ungumfowethu nodadewethu nomame.”


“Ngakho-ke yilowo nalowo owezwayo lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo, eyakha indlu yayo phezu kwedwala.


“Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.


Izizwe ziyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngingcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele isiphakathi kwabo, kuze kube phakade.” ’ ”


Ngabanika futhi amasabatha ami ukuba abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguSimakade obangcwelisayo.


“ ‘Niyozigcina zonke izimiso zami, nizenze zonke izehlulelo zami; nginguSimakade.’ ”


Ziwula, zimpumputhe, kanti yikuphi okukhulu phakathi kwegolide nethempeli elingcwelisa igolide na?


“ ‘Niyakuzigcina izimiso zami. Aniyukuvumela izilwane zenu zizekwe ngolunye uhlobo. Aniyukuhlwanyela ensimini yenu izinhlobo ezimbili zembewu, futhi aniyukugqoka ingubo eyenziwe ngezinhlobo ezimbili zezintanjana.


Niyakuba ngcwele kimi, ngokuba Mina Simakade ngingcwele, nginehlukanisile kwabezizwe ukuba nibe ngabami.


Aniyukulihlambalaza igama lami elingcwele; ngiyakuzibonakalisa ngingcwele phakathi kwabantu bakwa-Israyeli; nginguSimakade oningcwelisayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite