Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 20:7 - IsiZulu 2020

7 “ ‘Zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba Mina nginguSimakade, uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “ ‘Ngalokho zingcweliseni nibe ngcwele, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngakho zingcweliseni libe ngcwele, ngoba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 20:7
15 Referans Kwoze  

NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.


“Khuluma kuyo inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyoba ngcwele ngokuba Mina Simakade uNkulunkulu wenu ngingcwele.


njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;


Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga emanyaleni, kodwa wasibizela ebungcweleni.


Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu ukuba ningcweliswe, nidede ebufebeni;


Phokophelelani ukuthula nabo bonke kanye nokungcweliswa; ongenakho akasoze ayibone iNkosi.


UJoshuwa wathi kubantu: “Aninakumkhonza uSimakade, ngokuba unguNkulunkulu ongcwele. UnguNkulunkulu onomhawu, akayukuxolela iziphambeko zenu noma izono zenu.


NginguSimakade owakukhuphula eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.


Uyakumehlukanisa abe ngcwele, ngokuba unikela ngesinkwa sikaNkulunkulu wakho. Uyakuba ngcwele kuwe, ngokuba Mina Simakade okwehlukanisayo, ngingcwele.


Akayukuyihlambalaza inzalo yakhe phakathi kwabantu bakubo, ngokuba nginguSimakade omngcwelisayo.’ ”


Akayukungena esihenqweni, noma asondele e-althare, ngokuba ukhubazekile, ukuze angazihlambalazi izindawo zami ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”


UJoshuwa wayesethi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uSimakade uzokwenza izimangaliso phakathi kwenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite