Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 20:6 - IsiZulu 2020

6 “ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umphefumulo ophendukela emimoyeni yabafileyo nakubathakathi ukuba ufebe emva kwabo, ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngiwunqume phakathi kwabantu bakubo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 20:6
17 Referans Kwoze  

“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Uma bethi kini: “Hambani nihlole kwabanamadlozi nabanemimoya, abahhumuzelayo, banyenyeze,” kanti isizwe akumele yini sibuze kuNkulunkulu waso na? Singabahlolela yini abaphilayo,


“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


Ngokuba abakude nawe bayakubhubha, uyabachitha bonke abahlubuka kuwe ngokuphinga.


Abantu bami babuza ukhuni olubaziweyo, induku yabo ibatshele, ngokuba umoya wobufebe ubadukisile, basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngenxa yokufeba.


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Le nsephe niyothi njalo uma niyibheka, nikhumbule yonke imiyalo kaSimakade, niyenze. Aniyukuhamba ngokulawulwa yizinhliziyo zenu nangokubona kwenu enanivame ukukwenza nilandela izindlela zokuphinga.


“ ‘Aniyukudla lutho olunegazi, aniyukwenza imilingo, noma nihumushe izimpawu.


Kwathi lapho siya endaweni yokukhuleka, kweza intombazane enomoya wobungoma, eyayitholela abaniniyo inzuzo enkulu ngokubhula.


“Awuyukumvumela umlumbikazi aphile.


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


Mina uqobo ngiyakumelana nalowo muntu nomndeni wakhe, ngimnqume kubantu bakubo nabo bonke abahamba naye bayophinga, bephinga noMolekhi.


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: bheka, ngiyakubhekana nani ngqo, kube kubi, ngimbhubhise wonke uJuda.


Kepha uma uyise wentombi enqaba ukumganisela, uyakukhokha inani elilingana nelobolo lentombi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite