Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 20:23 - IsiZulu 2020

23 Aniyukuhamba ngezimiso zezizwe engizozixosha phambi kwenu, ngokuba zenzile zonke lezi zinto; nganengwa yizo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Aniyikuhamba ngamasiko esizwe engisixosha phambi kwenu, ngokuba benza zonke lezo zinto; ngalokho nganengwa yibo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Akumelwe nihambe ngezindlela zesizwe engisixosha phambi kwenu; ngokuba benze zonke lezi zinto, ngase ngibenyanya.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 20:23
11 Referans Kwoze  

Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.


“ ‘Ningazingcolisi noma ngayiphi yalezo zinto, ngokuba izizwe engazixosha phambi kwenu zazizingcolisa ngazo.


Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


Aniyukwenza njengokwemisebenzi yeGibhithe enanihlala kulo, futhi aniyukwenza njengokwemisebenzi yeKhanani enginiyisa kulo, aniyukuhamba ngemithetho yabo.


ngokuba abantu bezwe abaphambi kwenu bazenzile lezi zinengiso, ngakho-ke izwe langcola.


Ngabaxosha abelusi abathathu ngenyanga eyodwa, ngoba sengikhathele ukubabekezelela, sengidiniwe futhi yibona.


Ngesikhathi uNkulunkulu ekuzwa lokho wabathukuthelela, wamlahla impela u-Israyeli.


Izwe lonakele, yingakho ngalihambela ngenxa yobubi balo ukuze ngilijezise, izwe labaphalaza abantu balo.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite