Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 2:14 - IsiZulu 2020

14 “ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “ ‘Uma unikela ngomnikelo wempuphu wolibo kuJehova, wonikela ngezikhwebu zamabele ezosiwe ngomlilo, amabele agquliweyo ezikhwebu ezintsha, ube ngumnikelo wempuphu wolibo lwakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 “ ‘Uma ulungisa umnikelo womlilo wolibo lwakho kuJehova, uyakuwulungisela izikhwebu zakho eziluhlaza, ezomiswe ngomlilo, zibe ngumnikelo womlilo wezikhwebu zakho ezibhuliweyo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 2:14
16 Referans Kwoze  

“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engizakuninika lona, senivunile isivuno salo; niyoletha kumphristi isithungo solibo lokuqala lwesivuno senu.


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Yala abantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Anoqikelela ukuba umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, ninikele ngawo kimi ngesikhathi sawo.’


Kwafika umuntu waseBhali Shalisha elethele umuntu kaNkulunkulu ukudla kolibo lokuqala, izinkwa zebhali ezingama-20 nezikhwebu ezintsha zamabele emgodleni wakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.


Umphristi uyakuwuzungezisa nesinkwa solibo lokuqala kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade; nezinqama ezimbili ziyakuba ngcwele kuSimakade, zibe ngezomphristi.


“Niyohlabela uSimakade umhlatshelo wokubonga; niyakumhlabela ukuze namukeleke.


Kwathi ngokuhamba kwezinsuku uKhayini waletha kuSimakade umnikelo wezithelo zomhlabathi.


uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wokusanhlamvu.


Umphristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, ingxenye yokusanhlamvu okugquliweyo kwawo nengxenye yamafutha awo nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuSimakade.


Umnikelo wokusanhlamvu uyoba ngokubili eshumini kwempuphu ecolisekileyo, exutshwe namafutha, umnikelo womlilo kuSimakade, ube yiphunga elimnandi, nomnikelo wokuphuzwayo uyoba ngokwesine kwehini lewayini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite