Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 2:11 - IsiZulu 2020

11 “ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “ ‘Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Akukho mnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova ongenziwa ngemvubelo; ngoba aniyikushisa imvubelo nezinyosi emnikelweni womlilo weNkosi.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 2:11
19 Referans Kwoze  

Imvubelo encane iyikhukhumalisa yonke inhlama.


Ngaleso sikhathi kwabuthana izindimbane zabantu, zaze zanyathelana; uJesu wayeseqala ukukhuluma kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.


“Awuyukuletha kimi igazi lomhlatshelo wami nanoma yini okunemvubelo, noma ugcine amanoni omkhosi wami kuze kube ngakusasa.


ukuze ngalesi sikhathi esisasele nisesemzimbeni ningabe nisaphila ngezinkanuko zabantu, kodwa ngentando kaNkulunkulu.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.”


Akukuhle ukudla uju oluningi, nokuzifunela udumo phezu kodumo.


Uma uthole uju, yidla okwanele wena, funa lukucike, bese uphalaza.


Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi; uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”


“Awuyukunikela ngegazi lomhlatshelo wami nesinkwa esinemvubelo. Umhlatshelo womkhosi wephasika awuyukuhlala kuze kuse.


Uyobuye ukuthathe ezandleni zabo ukushise e-althare phezu komnikelo wokushiswa kube yiphunga elimnandi phambi kukaSimakade; kungumnikelo womlilo kuSimakade.


kodwa ezangaphakathi namanqina kuyakugezwa ngamanzi. Umphristi akunikele konke, akushise kube nentuthu e-althare, kube ngumnikelo wokushiswa, ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuSimakade.


Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite