Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 2:1 - IsiZulu 2020

1 “ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 “ ‘Uma umuntu eletha umnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo wakhe uyakuba yimpuphu ecolekileyo; kumelwe athele amafutha phezu kwawo futhi abeke impepho phezu kwawo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 2:1
31 Referans Kwoze  

Enye ingelosi yeza, yema ngase-althare, iphethe isithunqiso segolide, yanikwa impepho eningi ukuba iyenezelele emikhulekweni yabangcwele bonke, phezu kwe-althare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


Bayoletha njengomnikelo kuSimakade, bonke abafowenu bevela ezizweni zonke ngamahhashi, ngezinqola, ngezinhlaka, ngeminyuzi nangamakameli, bayoza entabeni yami engcwele, iJerusalema,” kusho uSimakade, “njengalokhu abakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaSimakade.


Waletha nomnikelo wokusanhlamvu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-althare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.


Kepha nina bathandekayo zakheni, nigxile ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,


Wanikela ngesitsha sesiliva, isisindo saso singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Ninogcobo oluvela koNgcwele futhi nazi konke.


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma.


“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngubani owaziyo uma engabuya axolele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wokusanhlamvu nowokuphuzwayo kuSimakade uNkulunkulu wenu na?


Wanikela ngoqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,


isinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo agcotshwe ngamafutha, ukwenze ngempuphu kakolo ecolisekileyo.


Iminikelo yokusanhlamvu nokuphuzwayo ayisalethwa endlini kaSimakade; abaphristi, izinceku zikaSimakade bayalila.


“ ‘Kepha uma engenamandla okuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, maqondana nesono sakhe, uyoletha okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wesono, akayukuthela mafutha phezu kwalo, futhi akayukubeka nhlaka phezu kwalo, ngokuba lingumnikelo wesono.


Bayothatha iduna nomnikelo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. Uyothatha iduna lesibili libe ngumnikelo wesono.


Lokhu kuyakuba ngokwenu ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni, kuyo yonke iminikelo yabo, nakuyo yonke iminikelo yabo yokusanhlamvu, nakuyo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abayonikela ngayo kimi, iyoba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.


Uyonikela nokweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo wokusanhlamvu, oxovwe nokwesine kwehini lamafutha agxotshiweyo.


nomnikelo wazo wokusanhlamvu, neminikelo yazo yokuphuzwayo ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokwenani lazo ngokwesimiso.


Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho.


umphristi uyomenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade, athethelelwe konke akwenzile waba necala ngakho.”


nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”


“Ngosuku lwesishiyagalombili uyothatha izimvu ezimbili ezingenasici ezingamaduna, nemvu yensikazi engenasici enonyaka, nokuthathu eshumini kwempuphu ecolisekileyo exutshwe namafutha, nengxenye yelitha lamafutha.


Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo kuyo yomibili imigqa, ibe yisikhumbuzo somnikelo wesinkwa, umnikelo womlilo kuSimakade.


Wathi kimi: “Nansi-ke indawo lapho abaphristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, futhi babhakele lapho umnikelo wokusanhlamvu, ukuze bangawukhipheli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite