Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:4 - IsiZulu 2020

4 “ ‘Aniyukuphendukela konkulunkulu abayize, aniyukuzenzela izithombe ezakhiwe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:4
19 Referans Kwoze  

“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“Awuyukuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.


Aniyukuzenzela abanye onkulunkulu ngaphandle kwami, onkulunkulu besiliva noma begolide aniyukuzenzela bona.


Bantwanyana, dedani ezithombeni ezibaziweyo.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuSimakade, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, balekelani ukukhonza izithombe.


Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu.


Wawathatha ezandleni zabo, wawancibilikisa, wabumba, waqopha, wenza ithole ngalolo bumba. Abantu bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula eGibhithe.”


“Ake nibeke enhliziyweni yenu, kusukela ngalolu lusuku kuqhubeke, kusukela ngosuku lwama-24 enyangeni yesishiyagalolunye, mhla kubekwa isisekelo sethempeli likaSimakade, nibeke enhliziyweni yenu ngalokho.


“ ‘Lapho ninikela ngomhlatshelo wokuthula kuSimakade, niyowunikela ngendlela eyokwenza namukeleke.


Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe ezingenamsebenzi, kepha uSimakade walenza izulu.


NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.


Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Funa nenze okubi, nizenzele izithombe ezibaziweyo, eziwumfanekiso wowesilisa noma wowesifazane,


Uyozishisa ngomlilo izithombe ezibaziweyo zonkulunkulu bazo; ungalifisi isiliva noma igolide elikuzo, awuyukuzithathela lona, funa libe wugibe kuwe, ngokuba lokho kuyanengeka kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Kunalokho wenze okubi ukwedlula bonke abakwendulela; uhambile wayozenzela onkulunkulu, nezinye izithombe ezibunjiweyo, wavusa ulaka lwami, wangitshinga nyovane.


kodwa wahamba ngezindlela zamakhosi akwa-Israyeli, wenzela oBhali izithombe ezibunjiweyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite