Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:34 - IsiZulu 2020

34 “ ‘Umfokazi ogogobele phakathi kwenu, uyokuba njengowolibo phakathi kwenu, niyomthanda njengalokhu nizithanda nina, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kodwa umfokazi ohlala kini uzakuba kini njengowokuzalwa phakathi kwenu, njalo umthande njengalokhu uzithanda wena; ngoba naningabafokazi ezweni laseGibithe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:34
12 Referans Kwoze  

Bathandeni abafokazi, ngokuba nani naningabafokazi eGibhithe.


“ ‘Awuyukuphindisa, awuyukuba namagqubu nabantu bakini, kodwa uyothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena; nginguSimakade.


“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’


“Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.


Kuyothi uma uhamba nathi, kwenzeka uSimakade asenzele noma yikuphi okuhle, nathi siyokwenzela okuhle.”


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyukunengwa ngowaseGibhithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


USimakade uyabavikela abafokazi, asize intandane nomfelokazi, kodwa abhuntshise indlela yezikhohlakali.


“ ‘Yilowo nalowo uyohlonipha uyise nonina, agcine amasabatha ami; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Abantwana besizukulwane sesithathu abayobazala, bayongena ebandleni likaSimakade.”


URuthi wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, wathi kuBhowazi: “Yini ukuba ube nomusa ongaka, uze unginakekele kangaka ngibe ngingowezizwe, na?”


Niyakulehlakunisa ngonkatho, libe yifa lenu nelabafokazi abagogobele kini baze bazala abantwana behleli nani. Labo-ke seniyokubathatha njengeminsinsi yokuzimilela kubantu bakwa-Israyeli, nabo bayakwabelwa ifa kanye nani ezizweni zakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite