Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:16 - IsiZulu 2020

16 “ ‘Awuyukuhamba unyevuza phakathi kwabantu bakini. Awuyukufuna nzuzo ngegazi likamakhelwane wakho; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 “ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ungahlebi phakathi kwabantu bakini, ungamelani legazi lomakhelwane wakho; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:16
24 Referans Kwoze  

“Awuyukusabalalisa umbiko ongamanga, awuyukubambisana nababi ukwethula ubufakazi obungamanga.


Ziqhelelanise nokwethwesa omunye icala lamanga, ungambulali ongenacala noma labo abaseqinisweni, ngokuba angiyukumkhulula onecala.


Ohamba encetheza wambula izimfihlo; ungazihlanganisi nomuntu okhulumela safuthi.


Abantu abahlebayo babekuwe ukuba bachithe igazi, badla kuwe ezintabeni, bekuwe benza ubufebe.


“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembeli nakubafowenu, ngokuba abafowenu bonke bagebenga, bonke omakhelwane behla benyuka, behleba.


Bahlubukile bonke nokuhlubuka, bahamba behleba; bayithusi nensimbi, bangababhubhisi bonke.


Oyinhlebi uhamba edalula izimfihlo, kepha othembekile emoyeni uyayisibekela indaba.


Ngakho-ke lahlani bonke ububi, bonke ubuqili, ukuzenzisa, umhawu, nakho konke ukunyembenya.


ongahlebi ngolimi lwakhe, ongenzi okubi kumngani wakhe, nongamhleki usulu umakhelwane wakhe;


Ungafakazi ngamanga ngomakhelwane wakho.


Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle,


abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle,


Ngokunjalo nabesifazane mababe ngabahloniphekileyo, abangahlebi, abazithibayo, futhi abathembekile ezintweni zonke.


wathi: “Ngonile ngakhaphela ongenacala.” Bona bathi: “Pho uthi asenzeni thina? Zibonele wena.”


“ ‘Makaqalekiswe owemukela ukufunjathiswa ukuze abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo; amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.


Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’


Uhlala ugxibha umfowenu, unyevuza indodana kanyoko.


Ohleba umakhelwane wakhe esithe ngiyombhubhisa, angiyukumbekezelela ozikhukhumezayo.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite