Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:15 - IsiZulu 2020

15 “ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “ ‘Ningenzi ukungalungi ekwahluleleni; ungakhethi ubuso bompofu, ungavuni ubuso bomkhulu, kepha wahlulele umakhelwane wakho ngokulunga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ningenzi okubi enkantolo; ungahloniphi ubuso bompofu, ungahloniphi umuntu onamandla; kodwa kufanele wahlulele umakhelwane wakho ngobulungisa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:15
20 Referans Kwoze  

Maningakhethi abantu ekwehluleleni, mlaleleni omncane njengomkhulu, ningesabi buso bamuntu, ngokuba ukwehlulela kungokukaNkulunkulu. Indaba elukhuni kini niyoyiletha kimi, ngiyizwe.’


Nanka amanye amazwi okuhlakanipha: akukuhle ukubheka ubuso bomuntu lapho wehlulelwa.


“ ‘Makaqalekiswe ohlanekezela isehlulelo kongumfokazi, intandane, nongumfelokazi.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


“ ‘Aniyukwenza ukungalungi lapho nehlulela, nasekulinganiseni isisindo nomthamo.


Akulungile ukwenzelela isikhohlakali, nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.


Awuyukuhlanekezela isehlulelo, ungakhethi buso bamuntu, ungafunjathiswa sipho, ngokuba isipho siyawaphuphuthekisa amehlo ohlakaniphileyo, siphendukezela amazwi olungileyo.


Kuyoze kube nini nehlulela ngokungalungile, nenzelela izikhohlakali na? Sela


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


Ningehluleli ngokubuka ngamehlo, kodwa yehlulelani ngokwehlulela okulungileyo.”


Khona uPawula wathi kuye: “UNkulunkulu uzakukushaya wena ludonga olucakiweyo; uhleli ukuba ungehlulele ngokomthetho, kodwa wephula umthetho ngokuyala ukuba ngishaywe na?”


Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu wonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, uNkulunkulu omkhulu onamandla nowesabekayo, ongakhethi buso bamuntu, nongamukeli ukufunjathiswa.


Niyobuvuna yini ubuso bakhe, nimmele uNkulunkulu na?


Mangingenzeleli muntu, noma ngincetheze kunoma ngubani,


ongakhethi buso bezikhulu, onganaki ocebileyo kunompofu na? Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Vula umlomo wakho wehlulele ngokulunga, uvikele amalungelo abampofu nabantulayo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite