Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:14 - IsiZulu 2020

14 “ ‘Awuyukusiqalekisa isithulu, awuyukubeka isikhubekiso phambi kwempumputhe, kodwa uyomesaba uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 “ ‘Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kepha wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ungaqalekisi isithulu, ungabeki isikhubekiso phambi kwempumputhe, kodwa wesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:14
14 Referans Kwoze  

“ ‘Makaqalekiswe owedukisa impumputhe endleleni.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


“ ‘Uyosukuma nxa kumi impunga phambi kwakho, uyomhlonipha umuntu omdala, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Bahlonipheni bonke, nibathande abazalwane, nesabe uNkulunkulu, futhi niyihloniphe inkosi.


Ngakho masingabe sisehlulelana, kodwa kunalokho nqumani ukuthi akukho mzalwane oyakuba yisithiyo noma ugibe.


Ningaqolani, kepha uyomesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wakho.


“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.


Babusiseni abanihluphayo; busisani, ningaqalekisi.


Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.


Ningabi yisikhubekiso kubaJuda, kumaGriki, noma kulo ibandla likaNkulunkulu,


“ ‘Aniyukuhlanekezela ukwehlulela. Aniyukumbandlulula ompofu, nivune ocebileyo, kodwa niyomehlulela ngokulunga umakhelwane wenu.


Ukumesaba uSimakade kungukuqala kokuhlakanipha, banengqondo ehluzekile bonke abenza lokho. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite