Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:13 - IsiZulu 2020

13 “ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ungamkhohlisi umakhelwane wakho, ungamphangi;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:13
29 Referans Kwoze  

Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


“Maye, kowakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe aphezulu ngokungenabulungiswa, osebenzisa owezwe lakubo angamholeli, angamniki iholo ngomsebenzi wakhe,


Izisindo ezimbili nama-efa amabili adukisayo, kuyisinengiso kuSimakade.


Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.”


Abantu bezwe bacindezele nokucindezela, baphangile nokuphanga, yebo, babaphathe kabi abampofu nabantulayo, babacindezele abafokazi ngokungenabulungiswa.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yenzani ubulungiswa nokulunga, nisindise ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningabahlukumezi abafokazi nezintandane nabafelokazi, futhi ningabaphathi kabi, nangesihluku, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


“Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.


Kepha uma umininiso ebekhona, akayukukhokhelwa, uma besiqashiwe, uyokhokhelwa inani lokusiqasha kuphela.


ukuze kungabi bikho noyedwa owonayo ngalokhu, aphambe umfowabo; ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho, njengokuba sanitshela phambilini, futhi sagcizelela.


Wathi kubo: “Maningaqoqi okungaphezu kokumisiwe lapho niqoqa intela.”


Ungamqoli ompofu ngoba ubona ubuphofu bakhe; ungamcindezeli ohluphekile esangweni,


uma izithelo zawo engizidlile ngingazikhokhelanga, ngayimbangela yokufa kwabanikazi bazo;


noma ethola into ebilahlekile bese eyiphika, noma afunge ngenkohliso mayelana nanoma yikuphi kwalokho akwenzileyo, uyona.


Uma idwengulwe yizilwane zasendle, makulethwe ubufakazi; akuyukuba bikho sinxephezelo ngokudwenguliweyo.


“Kusihlwa, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uziholele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’


Ngokuba umbhalo, uthi: “Ungayifaki isimfonyo inkabi ebhulayo,” futhi uthi: “Isisebenzi sifanelwe wumholo waso.”


“Uma umuntu enika umakhelwane wakhe imali noma izimpahla ukuba amgcinele ziphephile zibe zingezebiwe endlini kamakhelwane, uma libanjwa isela, liyakukhokha ngokuphindwe kabili.


Okhaphela abangani bakhe ngenxa yesabelo; amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.


Ungathi kumakhelwane wakho: “Hamba, ubuye kusasa, ngiyokunika khona,” ube unakho lokho akufunayo.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Lapho uthengisela owezwe lakini okuthile noma ukuthenga kuye, aniyukuqolana;


Ningaqolani, kepha uyomesaba uNkulunkulu wakho, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wakho.


Njengesigqila silangazelela ithunzi, nosebenzayo elindele umholo wakhe,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite