Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:12 - IsiZulu 2020

12 “ ‘Aniyukwenza isifungo samanga ngegama lami; nize nihlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ningafungi amanga ngegama lami, ningahlambalazi igama likaNkulunkulu wenu; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:12
19 Referans Kwoze  

Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


“ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Ngaphezu kwakho konke bazalwane bami, ningafungi ngezulu noma ngomhlaba noma nganoma yini. Kepha uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo abe nguqhabo, ukuze ningehlulelwa.


noma ethola into ebilahlekile bese eyiphika, noma afunge ngenkohliso mayelana nanoma yikuphi kwalokho akwenzileyo, uyona.


Yahlambalaza igama likaSimakade, yaliqalekisa; yalethwa kuMose. Unina waleyo ndodana kwakunguShelomithi, indodakazi kaDibhiri, wesizwana sakwaDani.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


‘Ngiyakusithumela, singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami. Siyakuhlala phakathi endlini yakhe, siyishabalalise nezingodo zayo namatshe ayo.’ ”


Uyakufunga ngeqiniso, ngobulungiswa, nangokulunga, uthi: ‘Ngifunga phambi kukaSimakade,’ izizwe ziyakuzibusisa ngaye, zizishaye isifuba ngaye.”


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


“ ‘Niyokweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nishisele uBhali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabaziyo na?


Kepha niphendukile futhi nalihlambalaza igama lami, kwaba yilowo nalowo wabuyisa isigqila sakhe nesigqilakazi sakhe enanizikhululile ngokufisa kwazo ukuba zihambe, seniphinde nazibuyisa ukuba nizicindezele futhi zibe yizigqila nezigqilakazi zenu.


Yayisithi kimi: “Lesi yisiqalekiso esizokwehlela phezu komhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso kulolu hlangothi bonke abantshotshayo bayakudingiswa, bese kuthi ngakolunye uhlangothi lwaso luthi bonke abafunga amanga bayakudingiswa.


Mina uqobo ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba enikele ngenzalo yakhe kuMolekhi wangcolisa indawo yami engcwele, walihlambalaza iGama lami elingcwele.


“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe, obizwa ngegama lika-Israyeli, ovela okhalo lukaJuda, ofunga igama likaSimakade, nobiza uNkulunkulu ka-Israyeli kungengaqiniso nakulunga.


Noma bangathi: ‘Sifunga phambi kukaSimakade,’ nokho bafunga amanga.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite