Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 19:10 - IsiZulu 2020

10 Awuyukuvuna konke esivinini sakho, awuyukubutha amagilebhisi avuthuluke kuso, uyowashiyela abampofu nabafokazi; nginguSimakade uNkulunkulu wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Awuyikukhothoza isivini sakho, ungabuthi izithelo zesivini ezivuthulukileyo; wozishiyela abampofu nabafokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi akumelwe usivune isivini sakho, futhi akumelwe ubuthe zonke izithelo zomvini esivinini sakho; woliyeka lihlale elompofu nomfokazi; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 19:10
16 Referans Kwoze  

Kuyokuba kanjalo emhlabeni phakathi kwezizwe. Kuyakuba njengomnqumo uvithikile, nanjengokukhothoza sekwedlule isikhathi sokuvuna amagilebhisi.


Umkhwanyo uyosala njengokusale kuwohlozwa iminqumo: izithelo ezimbili noma ezintathu ezihlokweni phezulu, ezine noma ezinhlanu emagatsheni omuthi,” kusho uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


Okuyozimilela ngonyaka wesabatha kuyoba ngukudla kwenu: okwakho nenceku yakho, nencekukazi yakho, nesisebenzi sakho, nomfokazi ogogobele kwakho,


Maye kimi! Ngokuba sengifana nokuvunwa kwezithelo zasehlobo, nanjengokukhothozwa komvini, akukho hlukuzo lamagilebhisi elingadliwa, iphango lami linxanela amakhiwane okuqala.


Uma uthelekelwa ngamasela, nabaphangi ebusuku, uyakuphundlwa kangakanani! Abayukweba yini bazanelise bona na? Uma abavuna izithelo zomvini begaleleka kuwe, abayukuwushiya yini umkhothozo na?


Uma kufika kuwe abavuni bamagilebhisi, abayukushiya mkhothozo yini na? Uma kutheleka amasela ebusuku, awayukuntshontsha yini lokho akudingayo na?


Wathi kubo: “Ngenzeni mina manje okungaqhathaniswa nokwenziwe yini, na? Ngabe ukuvunwa kwamagilebhisi kwakwa-Efrayimi akungcono yini kunewayini elisha lakwa-Abhiyezeri, na?


“ ‘Uma nivuna isivuno sezwe lakini, awuyukuvuna konke emagunjini ensimu yakho, noma ucoshe ngisho okuwe phansi ensimini yakho.


“ ‘Aniyukweba, aniyukuphathana ngobuqili, aniyukuqambelana amanga.


“ ‘Lapho senivuna isivuno sezwe lakini, aniyukuvuna konke emagunjini amasimu enu, aniyukuqeda konke, niyakushiyela abampofu nabafokazi; nginguSimakade uNkulunkulu wakho.’ ”


“Uma uvuna isivuno sakho ensimini, bese ukhohlwa yisithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukuyosilanda, kodwa masibe ngesomfokazi, intandane, nomfelokazi ukuze uSimakade uNkulunkulu wakho akubusise kuyo yonke imisebenzi yezandla zakho.


Lapho ugxoba umnqumo wakho, ungabuyeli ugxobe amagatsha ngokwesibili, kepha lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi.


URuthi wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Ngivumele ngihambe ngiye ensimini ukuze ngikhothoze emva kwalowo oyokuba nomusa kimi.” UNawomi wathi kuye: “Hamba ndodakazi yami.”


NginguSimakade uNkulunkulu wenu; ngakho-ke zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwane ezinwabuzelayo emhlabeni.


Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Uma uvuna okwesivini sakho, awuyukukhothoza futhi, kodwa lokho makube ngokomfokazi, intandane, nomfelokazi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite