Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 18:5 - IsiZulu 2020

5 Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ngalokho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ezenza, uyakuphila ngazo; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngakho anogcina izimiso zami nezahlulelo zami; uma umuntu ekwenza lokhu, makahlale kulo; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 18:5
19 Referans Kwoze  

UMose waloba mayelana nokulunga okuza ngomthetho, ukuthi umuntu owenza ukulunga okuvela emthethweni, uyakuphila ngakho.


Ngabanika izimiso zami, ngabazisa izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza.


Kepha umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa lowo owenza zonke lezi zinto uyakuphila ngazo.


Wayesethi kuso: “Uphendule kahle; yenza lokho, uzakuphila.”


“ ‘Kepha nabantwana bangihlubuka, abahambanga ngezimiso zami, abazigcinanga izehlulelo zami ukuba bazenze ukuze umuntu aphile ngazo; bawangcolisa amasabatha ami, ngase ngithi ngizakuthululela intukuthelo yami kubo, ngiphelelise ulaka lwami phezu kwabo ehlane.


“ ‘Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; ayihambanga ngezimiso zami, yazilahla izehlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; amasabatha ami yawangcolisa kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ulaka lwami phezu kwabo ehlane, ngibaqothule.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


UNkulunkulu wakhuluma noMose, wathi kuye: “NginguSimakade.


“Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya.


uSimakade wathi kuye: “NginguSimakade, khuluma kuFaro inkosi yaseGibhithe konke engikutshela khona.”


Wathi kuye: “Ungibuzelani ngokuhle na? Munye kuphela omuhle, kodwa uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.”


ngafa mina; kwathi umyalo obungowokuphila, wafunyanwa ungowokufa kimi.


“ ‘Akuyukuba bikho phakathi kwenu oyosondela esihlotsheni sakhe embule ubunqunu baso; nginguSimakade.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


Wabexwayisa ukuba babuyele emthethweni wakho, kodwa baba nenkani, abaze bayilalela imiyalelo yakho nezehlulelo zakho. Bona bephula izimiso zakho, okuthi uma umuntu ezigcina aphile. Bakufulathela, baqinisa amakhanda, benqaba ukukulalela.


Bekani izindlebe, nizwe, nize kimi, uyophila umphefumulo wenu; ngiyokwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


futhi ehamba ngezimiso zami, egcina izehlulelo zami ukuze enze iqiniso; ungolungileyo, impela uyakuphila nokuphila,” kusho iNkosi uSimakade.


USimakade uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yozalo lwakho, ukuze umthande uSimakade uNkulunkulu wakho ngenhliziyo yakho yonke nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.


umthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ulalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kuwe nobude bezinsuku zakho, uyohlala ezweni uSimakade afunga kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, ukuthi uyakubanika lona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite