Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 18:4 - IsiZulu 2020

4 Niyokwenza izehlulelo zami, nigcine imithetho yami, nihambe ngayo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Nenze izahlulelo zami, nigcine imithetho yami ukuba nihambe ngayo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Niyakwenza izimiso zami, nigcine izimiso zami, nihambe ngazo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 18:4
15 Referans Kwoze  

“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘NginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


Ngiyakufaka uMoya wami ezibilinini zenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakuzigcina izehlulelo zami, futhi nizenze.


NginguSimakade uNkulunkulu wenu: hambani ngezimiso zami, nizigcine izehlulelo zami, nizenze,


Uyalile ukuba izimiso zakho zigcinwe impela.


“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


“ ‘Ngakho-ke niyogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izehlulelo zami nizenze, ukuze izwe enginiyisa kulo ukuba nihlale kulo linganiphalazi.


“ ‘Niyozigcina zonke izimiso zami, nizenze zonke izehlulelo zami; nginguSimakade.’ ”


Niyakugcina izimiso zami nezehlulelo zami, aniyukwenza nesisodwa salezi zinengiso, noma ngabe ngowolibo noma ngumfokazi ogogobele phakathi kwenu,


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


“ ‘ “Inceku yami, uDavide, iyakuba yinkosi, ibabuse, bonke babe nomelusi oyedwa, bayakuhamba ezehlulelweni zami, bazigcine izimiso zami, futhi bazenze.


ukuze baqaphele ukugcina izimiso zakhe nemithetho yakhe. Haleluya!


Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.


“ ‘Niyakuzigcina izimiso zami. Aniyukuvumela izilwane zenu zizekwe ngolunye uhlobo. Aniyukuhlwanyela ensimini yenu izinhlobo ezimbili zembewu, futhi aniyukugqoka ingubo eyenziwe ngezinhlobo ezimbili zezintanjana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite