Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 18:26 - IsiZulu 2020

26 Niyakugcina izimiso zami nezehlulelo zami, aniyukwenza nesisodwa salezi zinengiso, noma ngabe ngowolibo noma ngumfokazi ogogobele phakathi kwenu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Gcinani izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi nesisodwa salezo zinengiso, noma owokuzalwa ekhaya noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Kumelwe nigcine izimiso zami nezahlulelo zami, ningenzi neyodwa yalezi zinengiso; kungabi khona owesizwe sakini, noma umfokazi ogogobeleyo phakathi kwenu;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 18:26
16 Referans Kwoze  

Niyogcina izimiso zami nezehlulelo zami; uma nizenza, niyakuphila ngazo; nginguSimakade.


Nina ningabangani bami, inqobo nje uma nenza lokhu enginiyala ngakho.


“Uma ningithanda, niyakuyigcina imiyalo yami.


Kepha uJesu wathi: “Yebo kunjalo, kodwa kakhulu babusisiwe abalizwa izwi likaNkulunkulu, balilondoloze.”


Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo.


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Uyogcina izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngakho namuhla ukuze kube kuhle kuwe, nakubantwana bakho emva kwakho, ukuze zande izinsuku zakho ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, kuze kube phakade.”


Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


“Uyosho nalokhu kubo uthi: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,


Izwe lonakele, yingakho ngalihambela ngenxa yobubi balo ukuze ngilijezise, izwe labaphalaza abantu balo.


ngokuba abantu bezwe abaphambi kwenu bazenzile lezi zinengiso, ngakho-ke izwe langcola.


Kwaba khona nezifebe zesilisa zethempeli kulelo lizwe, abantu benza okufana nakho konke okunengisayo kwabezizwe, uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite