Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 17:8 - IsiZulu 2020

8 “Uyosho nalokhu kubo uthi: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Wothi kubo: ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma owabafokazi abagogobeleyo phakathi kwabo onikela ngomnikelo wokushiswa noma ngomhlatshelo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wothi kubo: Yilowo nalowo wendlu yakwa-Israyeli noma owezizwe ohlala njengowezizwe phakathi kwenu oletha umnikelo wokushiswa noma umhlatshelo,

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 17:8
16 Referans Kwoze  

“Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona iGama lami likhulu phakathi kwezizwe. Kuzo zonke izindawo iGama lami lilethelwa impepho neminikelo ehlanzekileyo, ngokuba likhulu iGama lami ezizweni,” kusho uSimakade Wamabandla.


UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. USimakade wakuzwa ukunxusa kwakhe, enxusela izwe, ubhubhane lwanqamuka kwa-Israyeli.


Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? USawule uzozwa, bese engibulala.” USimakade wathi: “Thatha isithole emhlanjini, uthi: ‘Ngize ukuzohlabela uSimakade.’


“Uyohamba phambi kwami uye eGiligali, bheka ngizokuza kuwe ukuze nginikele ngeminikelo yokushiswa, ngihlabe imihlatshelo yokuthula. Uyohlala izinsuku eziyisikhombisa, ngize ngifike lapho ukhona, ngikutshele oyakukwenza.”


USamuweli wathatha iwundlu elisancelayo, wanikela ngalo laba ngumnikelo wokushiswa wonke kuSimakade; uSamuweli wamkhulekela u-Israyeli kuSimakade, uSimakade wamphendula.


bese wakha i-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho phezu kwaleyo nqaba elapho ngokuhlelekileyo, uthathe inkunzi yesibili, uyinikele njengomnikelo wokushiswa phezu kwezinkuni zensika engcwele ozakuyigawula.”


“ ‘Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli noma umfokazi ogogobele phakathi kwabo odla igazi noma yiliphi, ngiyomelana nalowo muntu odla igazi, ngimnqume kwabakubo.


engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


Uma enikela ngewundlu libe ngumnikelo wakhe uyoliletha phambi kukaSimakade,


ukuze bangaphinde banikele imihlatshelo yabo emadimonini abaphinga nawo. Lokhu kuyokuba yisimiso esiphakade kubo, ezizukulwaneni zabo.’


kodwa angawulethi emnyango wethende lokuhlangana ukuba awunikele kuSimakade, lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


Abakwa-Israyeli bezwa ukuthi abakwaRubeni, abakwaGadi, nengxenye yesizwana sakwaManase bakhe i-althare malungana neKhanani ezifundeni ezingaseJordani, ohlangothini lwabakwa-Israyeli.


Bafika ozalweni lukaRubeni nolukaGadi nasengxenyeni yesizwana sakwaManase kwaGileyadi, bathi kubo:


“Isho kanje inhlangano yonke kaSimakade: ‘Siphambeko sini lesi enisenze kuNkulunkulu ka-Israyeli ukuba nimjikele namuhla ngokungabe nisamlandela uSimakade ngokuzakhela i-althare, na? Ningamhlubuka kanjani uSimakade namuhla, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite