Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 17:11 - IsiZulu 2020

11 Ngokuba ukuphila komzimba kusegazini; ngininike lona ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana e-althare, yigazi elenza ukubuyisana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokuba umphefumulo wenyama usegazini, futhi ngininikile lona e-altare ukwenza ukubuyisana kwemiphefumulo yenu; ngoba ligazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 17:11
24 Referans Kwoze  

Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini,


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.


Kepha ningalokothi nidle inyama enegazi, ngokuba umphefumulo usegazini layo.


okukuyo sinokuhlengwa nokuthethelelwa kwezono.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi ukuze kuthethelelwe izono.


Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe,


Ngokuba impilo yazo zonke izidalwa igazi lazo nomphefumulo wazo kusegazini lazo, ngalokho ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Aniyukulidla igazi lenyama yonke, ngokuba ukuphila kwazo zonke izidalwa kusegazini lazo; lowo olidlayo uyonqunywa.”


abakhethiweyo, ngokwazi phambilini kukaNkulunkulu uYise, ngokungcwelisa kukaMoya ukuze balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Khristu. Sengathi umusa nokuthula kungandiswa kini.


nokuba ngayo abuyisane nakho konke, esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.


Ngakho-ke kakhulu kangakanani sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.


UMose wayihlaba, wathatha igazi walibheca ngomunwe wakhe ezimpondweni ze-althare nxazonke, walihlambulula i-althare, igazi eliseleyo walithululela esinqeni se-althare, walingcwelisa kanjalo ukuba alenzele ukubuyisana.


Yena uyinhlawulo ngenxa yezono zethu, kungezona nje ezethu kuphela, kodwa nangenxa yezezwe lonke.


njengalokhu iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa, kodwa ukukhonza nokunikela ngokuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”


U-Aroni uyonikela ngenkunzi engumnikelo wesono sakhe, azenzele ukubuyisana yena nabendlu yakhe.


Iduna liyohlatshwa phambi kukaSimakade; amadodana ka-Aroni angabaphristi alethe igazi, alifafaze nxazonke ze-althare elingasekungeneni kwethende lokuhlangana.


Ngalokho, ngathi kubantu bakwa-Israyeli: “Makungabi bikho muntu phakathi kwenu odla igazi; nomfokazi ogogobele phakathi kwenu akayukulidla.”


Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa.


Wonke amanoni aso uyowashisa kube nentuthu e-althare njengamanoni omhlatshelo wokuthula, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


Qaphelani kuphela ukuba ningalidli igazi, ngokuba igazi lingumphefumulo. Aniyukuwudla umphefumulo kanye nenyama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite